Timmy T Maranda
Inqubekela phambili enhle yeqembu lebhola lomnqakiswano laseNingizimu Afrika iyaqhubeka njengoba beqopha ukunqoba kwabo okwesine kulandelana kwi-Spar Challenge Tri-Nations.
Ama-Proteas abehola phambili ngamaphuzu angama-20-18 ngesikhathi sekhefu, kodwa bakwazile ukuvula igebe lamagoli ayisithupha ekugcineni, banqoba ngo-43-36 bebhekene neqembu lase-Uganda i-She-Cranes.
Udlale kahle kakhulu uMonique Reyneke. Ukusebenza kwakhe ngokuzimisela kuholele ekutheni athole umklomelo wakhe wesibili wokuba umdlali ovelele.
Ukungena kuka-Izette Griesel kanye noKhanyisa Chawane enkundleni kwenze umehluko omkhulu emdlalweni we-Spar Proteas. Labadlali badlale ngamandla okubenze bahlula uhlelo lomdlalo we-She-Cranes.
Umqeqeshi uDorette Badenhost ukholelwa ukuthi imidlalo eminingi efana nale izokwenza iqembu libe ngcono kakhulu.
UBadenhost utshele i-Netball SA Media ukuthi ukuqala umdlalo akuyona into efanele abadlali abasebancane.
“Besazi ukuthi i-Uganda izosidlalisa kanzima ngoba lona bekuwumdlalo obaluleke kakhulu,” kusho uBadenhost.
“Basifakele ingcindezi – ikakhulukazi abadlali abasebancane abebedlala phakathi nendawo kodwa abadlali asebemnkantshubomvu bakwazile ukweseka abadlali abasha ngendlela efanelekile,” kusho uBadenhost.
“Ngijabule kakhulu ngendlela iqembu elisebenzisana ngayo.”
Elakuleli linqobe i-Uganda ngo-49-34 emdlalweni wabo wokuvula ngoLwesine.
Ama-Proteas azobe elindele ukunqoba uma esedlala ne-Namibia ngoLwesibili ne-Uganda ngoLwesithathu emidlalweni yokugcina.
Umcimbi wemiklomelo uhlelelwe uLwesithathu e-Cape Town International Convention Centre ngo-5.30 ntambama.
Umthombo wesithombe: @NetballSA