Sizwe Sibiya
Ukuvezwa kwamagama abaqokiwe kuma-South African Hip Hop Awards eshumi (i-SAHHA), abagqugquzeli bamemezele isiqubulo somcimbi walo nyaka futhi yisona okusakhulunywa ngaso kakhulu okwamanje.
Iziqubulo salo nyaka sibizwe ngokuthi i-The Manifesto ukuze ihambisane nokhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka wezi-2021.
Lo mcimbi uzophinde wethule izigaba ezimbili ezintsha: i-Artist of the Decade ne-Best International Act, ukuze isibalo sifinyelele kwinani elingama-24.
Yize ukwengezwa kwemiklomelo emibili emisha kuvame ukuhlanganisa imiklomelo ibe ngama-25, abahleli bamemezele ukuthi umklomelo we-Promoter of the Year bekumele uhoxiswe ngenxa yalolu bhubhane.
“I-Covid iphoqe ukuthi kuhoxiswe umklomelo we-Promoter of the Year ngenxa yokukhanselwa kwemicimbi nemithetho ye-Covid,” kubhalwe ekhasini labo abavamise ukukhombisa kulo abaqokelwe umklomelo we-Promoter of the Year.
Bazophinde bahloniphe uBig Zulu ngendondo ye-UBUNTU Activism Award.
Lo mcimbi uzosakazwa ku-SABC 1 mhla zi-4 kuZibandlela futhi kuzoba umcimbi ozobe uqoshwe-virtually.
Ukuvota kuvuliwe ngoLwesithathu emikhakheni eyisishiyagalolunye efanele ukuvotelwa umphakathi. Lezi zihlanganisa i-Best Collabo, i-Best Radio Show, Ingoma Yonyaka kanye nendondo ye-New Artist of the decade. Ama-Awards abangwa amarepha ahlonishwayo kulo mkhakha afana noBlxckie ngengoma ethi “Yex4” okukhona kuyo uNasty C, naye oqokelwe izindondo ezintathu.
Ukuvota kungenziwa nge-SMS noma nge-website ye-SAHHA kuze kube umhla zingama-26 kuLwezi.