
Dylan Bettencourt
Njengoba iKwaZulu-Natal isakhahlamezekile ngenxa yezikhukhula ezicekele phansi, ama-Sharks ahlose ukuletha intokozo kulesi sifunda.
UPhepsi Buthelezi ogqoka inombolo yesishiyagalombili osekhombise ukuba ngumholi osemncane eqenjini, uthe iqembu lizosebenzisa umdlalo walo ne-Leinster kowe-United Rugby Championship (i-URC) ukuphakamisa imimoya yabantu eThekwini.
“Siyisifundazwe, kuningi esidlule kukho,” kusho uButhelezi.
“Yinto esike sakhuluma ngayo njengeqembu. Sinikezwe leli thuba elihle esizoba nalo ngoMgqibelo ukuze sijabulise wonke umuntu. Bonke abalandeli bethu bazobe bekhona, abantu bazophuma ngobuningi babo futhi bazoletha imindeni yabo.”
Lo mdlali (22) uthe lezi zikhukhula zizonika ama-Sharks umdlandla wokunqoba e-Kings Park ngoMgqibelo.
“Bafuna ukusibona sisebenza kanzima, sishaya ama-try amangalisayo futhi yilokho iqembu elihlose ukukwenza,” esho.
UButhelezi ubengukaputeni waleli qembu ngesikhathi liqhudelana kwi-Currie Cup ngonyaka odlule ehambisana nokaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, lo mdlali ukhombisile ukuthi ngelinye ilanga uzogqoka ibhande likakaputeni.
Uzakhele ubudlelwano obuqinile noHenco Venter kanye noKolisi njengoba ebeyiphini likaSikhumbuzo Notshe olimele.
“Ngijabule ngendlela engidlala ngayo okwamanje kodwa udumo kumele luye eqenjini ngendlela esidlala ngayo, kulula kakhulu ukwenza kahle umuntu ngamunye uma iqembu lenza kahle.
“Nginenhlanhla yokuba sendaweni lapho nginemidlalo embalwa ngaphansi kobuholi bami, futhi kancane kancane ngijwayela indlela izinto ezenziwa ngayo kuleli zinga,” esho.
Ama-Sharks asefomini enhle futhi azodinga ukuthi abonakale ngoMgqibelo uma esebhekene ne-Leinster esesicongweni.
Njengamanje leli qembu laseThekwini lihlezi endaweni yesithupha kodwa lingazithola liqhwakele kwamane ahamba phambili ngokuwina ngempelasonto.
Umdlalo uzoqala ngo-6.15 ntambama ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: @RugbyWorld