Ama-Proteas azoqala uchungechunge lwemidlalo enkundleni e-Lord’s

Razeen Gutta

Elakuleli lizoqala uchungechunge lwemidlalo emithathu yokuhlola e-Lord’s kusasa ngomoya onolaka kodwa ophusile,” ngokusho komqeqeshi uMark Boucher njengoba uBrandon McCullum noBen Stokes base-England belindile.

Abasubathi bawine izivivinyo zabo ezine zokugcina ngaphansi kobuholi bukakaputeni omusha uStokes okuhlanganisa nokushaywa ngamagoli amathathu eqandeni kompetha bomhlaba be-Test i-New Zealand kanye nokunqoba kanzima behlula i-India.

I-England ijahe amagoli anzima kuwo womabili amaqembu futhi indlela enolaka eyaziwa ngokuthi i-Bazball ebisetshenziswa uMcCullum isibuyile engxoxweni njengoba ama-Proteas esedolobheni.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uhlele kanjani ukulwa uBoucher uthe konke kumayelana nokuzithemba nokubuka isimo.

“Angazi ukuthi elakuleli lizoyibamba kanjani i-Bazball, kodwa ngizokutshela ngosuku lo mdlalo. Kufanele sihambisane nezimo zomdlalo wekhilikithi. Kumele sizame nendlela  yokushintsha umfutho wabo,” esho esithangamini sakhe nabezindaba kuleli sonto.

“Sikholwa ukuthi besidlala uhlobo oluhle lo mdlalo wekhilikithi futhi sadlala uchungechunhe lo mdlalo muva nje ngesikhathi siphume phambili. Sifuna ukuhlakanipha sidlale umdlalo onamandla, kodwa kufanele sibe namacebo aphusile.”

Ukaputeni wakuleli uDean Elgar uphonsele inselelo abashayi bebhola base-England ukuthi bazame indlela enolaka bebhekene nokuhlasela ama-Proteas.

“Anginandaba ngendlela abadlale ngayo. Ngicabanga ukuthi singasebenzisa izindlela ezimbili futhi singaya eningizimu ngokushesha,” u-Elgar etshela i-The Guardian.

UStokes ubize uElgar esithangamini sakhe nabezindaba wathi njengeqembu i-England igxile emdlalweni wayo.

“Amaqembu aphikisayo kubukeka sengathi akhuluma kakhulu ngayo njengamanje. Asikhulumi kangako ngayo. Sigxila kakhulu kwesikwenzayo.”

“Asingeni kakhulu kuyona, kodwa ngiyajabula ukuthi uDean neqembu lakuleli bathi abanandaba nayo, kodwa bayaqhubeka nokukhuluma ngayo.

“Sinesitayela sokudlala, banesitayela sabo nabo. Ekugcineni kosuku sizobhekana nebhola.

Futhi noma ngubani odlala kahle kakhulu emdlalweni wokuhlola kungenzeka ukuthi awine.” 

Izihloko zakamuva