Ama-Proteas azogadulisana ne-England 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ama-Proteas azodlala ngaphansi komqeqeshi wesikhashana uma i-England isifika edolobheni ekupheleni kukaMasingana.

URob Walter uzothatha isinqumo sokuthi ngubani ozongena enkundleni njengoba elungiselela ukuthatha lesi sikhundla ngoNhlolanja.

I-England izovakashela elakuleli emidlalweni emithathu yosuku olulodwa yamazwe ngamazwe, eyokuqala emibili izoba se-Bloemfontein ngomhlaka-27 nangomhlaka-29 kuMasingana ngaphambi kokuthi umdlalo wokugcina uqale e-Kimberley mhla zizinye kuNhlolanja.

Umqeqeshi omusha wekhilikithi uWalter uzothatha izintambo kuphela emdlalweni ozoba se-Kimberley kodwa uzoba nezwi ngokuthi ubani ozongenela iqembu, kusho umqondisi wekhilikithi kuleli u-Enoch Nkwe.

“Kuzoba nohlelo olukhethekile oluzokwenziwa ngochungechunge lwe-ODI yase-England kodwa lokho kuzomenyezelwa uma sekumenyezelwa iqembu lama-ODI kuleli sonto,” kusho uNkwe kwi-News24.

“Sizoqinisekisa konke kuleli sonto, kodwa uRob uzobandakanyeka uma kwenziwa izinguquko futhi uzothola ithuba lokuhlangana neqembu ngenyanga ezayo aphinde axoxisane nalo.”

UWalter wake waba umqeqeshi osiza iqembu lama-Proteas ekuzilungiseleleni imidlalo ngaphambi kokuthi abe ngumqeqeshi we-Titans. Ube esebhekisa amabombo e-New Zealand ukuyoqeqesha i-Central Districts okuyilapho  azosuka khona ekupheleni kukaMasingana ezongena emsebenzini wokuqeqesha ama-Proteas.

Kuzoba ngokokuqala ngqa ukuthi ama-Proteas abe nabaqeqeshi abahlukene, kanti i-CSA imemezele ngoMsombuluko ukuthi uShukri Conrad uzoqeqesha i-red-ball side.

Isithombe esingenhla: uRob Walter

Umthombo wesithombe: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva