
Razeen Gutta
Ama-Proteas azoya ochungechungeni lwawo lwemidlalo emibili ebhekene ne-New Zealand ngokukhulu ukuzethemba, njengoba ewine uchungechunge lwemidlalo emithathu kwemine.
Kodwa i-New Zealand izobe ibheke ukuhlula iNingizimu Afrika okokuqala ochungechungeni lwemidlalo.
Uchungechunge lwemidlalo emibili luzoqala e-Christchurch ngoLwesine phakathi kwamabili ngesikhathi saseNingizimu Afrika.
Kulindeleke ukuthi i-New Zealand ibe yizintandokazi njengoba izongena ochungechungeni lwemidlalo yasekhaya njengompetha bamanje be-ICC World Test, kodwa-ke idlanzana labadlali abangekho elizokwenza ukuthi iqembu libukeke ngendlela ehlukile.
Okokuqala ngqa eminyakeni engaphezu kwengu-14, osokhaya bazongena emdlalweni wokuhlola ngaphandle kwabadlali babo abathathu uRoss Taylor, uKane Williamson kanye noTrent Boult.
UTaylor usethathe umhlalaphansi, uWilliamson ulimele endololwaneni kanti uBoult usekhefini lokuba ngubaba.
Laba bobathathu babe yingxenye ebaluleke kakhulu yemidlalo engu-100+ edlule futhi babe nomthelela ekutheni iqembu liwine i-ICC World Test Championship.
Kodwa-ke ama-Proteas azobhekisa amabombo e-New Zealand ngaphandle kukaKeagen Petersen, umdlali wochungechunge e-India, ngemuva kokuthi ehlolwe watholakala etheleleke nge-Covid-19.
Amaqembu anabadlali abalandelayo:
I-New Zealand: uTom Latham (ukaputeni), uWill Young, uDevon Conway, uHenry Nicholls, uDaryl Mitchell, uTom Blundell, uColin de Grandhomme, uKyle Jamieson, uTim Southee, uNeil Wagner, uMatt Henry, uCam Fletcher, uRachin Ravindra, uHamish Rutherford noBlair Tickner.
INingizimu Afrika: uDean Elgar (ukaputeni), uTemba Bavuma, uSarel Erwee, uZubayr Hamza, uSimon Harmer, uMarco Jansen, uKeshav Maharaj, u-Aiden Markram, uWiaan Mulder, uLungi Ngidi, uDuanne Olivier, uKagiso Rabada, uRyan Rickelton, uLutho Sipamla, uGlenton Stuurman , uRassie van der Dussen noKyle Verreynne.
Umthombo wesithombe: @Medium