
Dylan Bettencourt
INingizimu Afrika ihlule i-New Zealand kwi-test yesibili ngama-runs angu-198 banqoba uchungechunge lwemidlalo emibili.
Lokhu kusho ukuthi banqobe uchungechunge lwama-test bebhekene nama-Black Caps.
Ama-Proteas azibeke endaweni enhle kakhulu ngaphambi kosuku lwesihlanu njengoba umdlalo bekumele uqedwe ekuseni ngosuku lokugcina, kodwa umdlalo ubungakapheli.
Umdlalo uphele ngemuva kwesidlo sasemini ngemuva kokubambezeleka kwemvula okuphazamise umdlalo wosuku, kodwa i-New Zealand ikhishwe ngama-runs angu-227.
Abadlali abathathu bama-Proteas abagqamile ngesikhathi se-test yesibili, nguSarel Erwee oshaye ama-runs angu-108 noKyle Verreynee ongaphumanga oshaye ama-runs angu-136. UKagiso Rabada ubonise indlela yakhe ehlukile ngebhola nangokushaya njengoba ethathe amawikhethi amathathu ngama-runs angu-46 wathola ama-runs angu-47 kwi-crease.
Ngemuva kokuhlulwa kwi-test yokuqala enzima eyenze i-New Zealand yanqoba ngama-innings kanye nama-Runs angu-276 abaningi bebelindele ukuthi ama-Proteas azokwehla futhi anqotshwe kodwa lokhu kunqoba kukhombisa isibindi nokuqina kwabo.
Ukaputeni uDean Elgar uzobheka emuva kuchungechunge lwemidlalo ngokukhulu ukuziqhenya ngokuthi iqembu likwazile ukuziphakamisa ngemuva kokuhlulwa kanzima futhi bashaya isitha sabo.
“Uma ubheka amaqembu adlule, igama elihlale lisifanela kakhulu elokusimama,” kusho uRabada ngemuva kokuba eqokwe njengomdlali ovelele kwi-test yesibili.
“Ngicabanga ukuthi ilokho esinakho ngokwemvelo njengabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uRabada.
“Akukaze kube lula ukusihlula kuchungechunge lwama-test futhi sikukhombisile lokho.”
Ama-Proteas azobuyela eNingizimu Afrika ukuzokwamukela i-Bangladesh kuma-ODI amathathu kanye nemidlalo emibili yama-test. Lolu hambo luqala ngomhlaka-18 kuNdasa.
Umthombo wesithombe: @OfficialCSA