Dylan Bettencourt
Ama-Proteas anqobe i-West Indies ngokunqoba okugculisayo kwiNdebe Yomhlaba ye-T20 nakuba ebengekho uQuinton de Kock ovele wanyamalala emizuzwini embalwa ngaphambi komdlalo.
Ekuqaleni ama-Proteas abukeke engaphansi kwengcindezi enkundleni. Ngemuva kwama-overs ayishumi abatholanga ngisho neyodwa iwikhethi – kodwa ama-overs ayishumi okugcina agqamile enze iNingizimu Afrika yamisa kabi iqembu lase-Caribbean ngama-runs ayi-144 atholwe ama-Proteas athathe amawikhethi ayisishiyagalombili.
Umjikijeli ovelele uDwane Pretorius uthole amawikhethi amathathu, wadedela ama-runs ayi-17 nje kuphela futhi iqembu laseNingizimu Afrika lithole amawikhethi amane kuma-runs amahlanu kuphela.
Nakuba ukudlala kabi kwama-Proteas ngokuphosa bedlala ne-Australia kube ubuthaka bawo, bekuhluke kakhulu ngoLwesibili.
Ngenkathi ukaputeni uThemba Bavuma ekhishwe ngama-runs amabili kuphela kwi-over yokuqala, uReeza Hendricks, uRassie van der Dussen no-Aiden Markram badlale kahle ngokumangalisayo banika ama-Proteas ukunqoba ngamawikhethi ayisishiyagalombili.
UMarkram, ongumdlali ophume phambili, uthole ama-runs angama-51 emabholeni angama-26 kuphela ukuholela ama-Proteas ekunqobeni sekusele amabhola ayisishiyagalombili.
Umdlalo ubukeke ugubuzelwe nguQuinton de Kock ovele wanyamalala ngemuva kokuthi i-Cricket South Africa (i-CSA) ikhiphe umyalelo othi bonke abadlali kumele “baguqe” ngaphambi kwayo yonke imidlalo.
Elandela lo myalelo, owayengukaputeni ude Kock unqume ukungaguqi ngedolo futhi wakhetha ukungalibambi iqhaza emdlalweni.
I-CSA yengeze ngokuthi isibonile isinqumo esithathwe ude Kock futhi izosebenzisana nabaphathi bethimba ngenqubekela phambili mayelana nalesi sigameko.
Ama-Proteas aselingana ngamaphuzu nqembu le-England, i-Sri Lanka kanye ne-Australia esigabeni se-Super 12.
Elakuleli lizobhekana nomsebenzi onzima uma selibhekene ne-Sri Lanka ngoMgqibelo okungumdlalo ama-Proteas aphoqelekile ukuwunqoba. Umdlalo uzoqala ngo-12pm.
Umthombo wesithombe: @T20WorldCup