
Razeen Gutta
URassie Van Der Dussen noDavid Miller bashaye ama-runs angu-131 bengahluliwe bejaha ama-runs angu-212 emdlalweni wokuqala kwemihlanu ye-T20 bedlala ne-India e-Delhi.
Izivakashi ziwine i-toss kwathi i-India yahamba phambili nge-bat. Abavule umdlalo u-Ishan Kishan noRuturaj Gaikwad bashaye amaphuzu angu-57 ku-powerplay ngaphambi kokuthi uWayne Parnell abadlule.
UShreyas Iyer ujoyine uKishan kwi-crease laba bobabili bathola ama-runs angu-137/2 ngemuva kwama-overs angu-13. UKishan uthole u-76 kuma-deliveries angu-48 alandelwa ama-cameos amahle avela kuHardik Pandya othole-31 kanye nokaputeni wokuqala wase-India uRishabh Pant othole-29.
Inani libukeke lilikhulu kakhulu eNingizimu Afrika njengoba kwehla amawikhethi amabili ku-powerplay. UQuinton de Kock noDwayne Pretorius bagcine i-run rate ikhuphuka nokho kanjalo nengxenye yesibili yama-innings.
Kudingeka ama-runs angaphezudlwana kuka-12 kuma-overs okugcina angu-12 njengoba uMiller noVan Der Dussen bekwi-crease, kodwa umdlalo ubonakale ungaphethwe iNingizimu Afrika.
Ngesikhathi uVan Der Dussen ebhekene nenqwaba yamabhola uMiller ushaye amagalelo amakhulu wagijima waze wafika engxenyeni lapho ekhiphe amabhola angu-22 kuphela.
Ama-overs ambalwa okugcina aveze uVan Der Dussen eqeda ku-75 ku-46 no-4 abayisikhombisa no-6 abahlanu, futhi washaya ama-runs abenze bawina kusasele amabhola amahlanu.
Umdlalo wesibili we-T20 phakathi kwala maqembu womabili uzoba se-Cuttack ngeSonto ntambama.