Dylan Bettencourt
Abahleli bama-olympics asebusika bathembise ukuthi lemidlalo ezibanjwa ebusika e-Beijing izohlelwa ngendlela ephephile, kodwa njengoba umqhudelwano uqhubeka, izikhalazo nezinkinga seziqala ukugqama.
Abasubathi abaningana namazwe sebelethe izikhalazo zezinkinga abebebhekane nazo ezinsukwini ezimbili nje kuphela uqalile lo mncimbi.
Iqembu lase-Sweden lithe ezintabeni kubanda kakhulu. Odlala i-skater wase-Poland uthe ufikelwe ukwesaba njengoba ebekwe yedwa ewodini.
“Ngakhala ngaze ngaphelelwa izinyembezi,” kusho lomsubathi.
Abasubathi bayaqonda ukuthi imicimbi emikhulu efana nama-olimpiki asebusika kumele uzidele kodwa izikhalazo ezifana nalezi zisongela ukubhidliza asebekwakhile nendlela abaphethe ngayo lo mncintiswano.
Ngaphandle kokuthi ama-olimpiki asebusika, amazinga okushisa ehla kakhulu njengoba abaphathi base-Sweden benxusa ukuthi imicimbi iqale ekuseni kakhulu. Lokhu kuza ngemuva kokuthi omunye wabasubathi wabo ube sengcupheni yokuwa ngesikhathi se-skiathlon yabesifazane.
Imithetho ye-International Ski Federation ithi yonke imicimbi kufanele imiswe uma amazinga okushisa ehla ngaphansi kuka-20c izinga lokushisa njengoba umsubathi wase-Sweden ecishwe waquleka ngesikhathi lalingu-13c.
Iqembu lase-Finland lithe omunye wabasubathi balo uvalelwe yedwa ngaphandle kwesizathu esibonakalayo.
Abasubathi abaningana basavalelwe bodwa yize bevumelekile ukuthi babuyele e-Olympic Village. Abasubathi kufanele bangabi nezimpawu futhi bahlolwe kabili emahoreni angama-24, okuyinto abayenzile, kodwa basavalelwe bodwa.
Umqeqeshi weqembu lase-Germany uzwakalise ukudumala kwakhe ngokuthi umcimbi ongaka awukwazi ukubanikeza ukudla okufudumele.
“Bengingalindele ukuthi ikomidi lama-olimpiki lingahluleka ukuhlinzeka abasubathi ngokudla okushisayo. Kukhona ama-crisps, amakinati noshokoledi akukho okunye,” kusho lo mqeqeshi.
Okunye ukungqubuzana kuboniswe bukhoma kumabonakude lapho intatheli yase-Dutch, ngaphandle kwencazelo, idonswa yasuswa eduze kwekhamera yayo izikhulu zase-China.
Intatheli ku-tweet ithe: “Okubuhlungu, lokhu kuyanda sekwenzeka nsuku zonke kwizintatheli zase-China.”
Umthombo wesithombe: @Vox