Dylan Bettencourt
Kwephulwe amarekhodi kuma-Olimpiki kwathi amaphupho afadalaliswa ngosuku olubi eqenjini laseNingizimu Afrika.
UTatjana Schoenmaker uhloniphe iphupho laseNingizimu Afrika ngama-Olimpiki ngendlela engcono kakhulu ngokubhukuda okuhle kakhulu kwi-100m breaststoke heats, wephula irekhodi le-Olimpiki kulokho. Amehlo akhe abheke igolide le-Olimpiki futhi ngokususelwa ekusebenzeni kwakhe okuhle, ube yintandokazi.
UBianca Buitendag ungene kuma-quarter-final alo mcimbi wokuntweza olwandle ngemuva kokuhlula umpetha womhlaba wamahlandla ayisikhombisa uStephanie Gilmore wase-Australia. Ama-quarter-final ahlelelwe uLwesibili ngo-2:24 ekuseni.
Ekudabukeni kwezinhliziyo zabantu baseNingizimu Afrika, iqembu lebhola lihlulwe ngo 4-3 yi-France yize belihole kathathu.
AbaseNingizimu Afrika bebebukeka sengathi bazobanga ulaka kwi-Hockey yabesilisa bebhekene ne-Netherlands, ngemuva kokuqala kahle futhi bathole ukuhola ngamagoli amathathu kodwa i-Netherlands yalwa neqembu laseNingizimu Afrika elidiniwe, yanqoba ngo 5-3 yabe isibanika ukuhlulwa kwabo kwesibili kwale midlalo.
Umthombo wesithombe: @SwimSwam