Ama-Olimpiki ase-Tokyo kungenzeka adlalwe ngasese

Dylan Bettencourt

Njengoba igciwane lokhuvuthe lisabalala ngokushesha kulo lonke elase-Tokyo, uhulumeni wase-Japan usebize isimo esiphuthumayo ngoLwesine ukwehlisa izinga lokutheleleka.

Uhulumeni wase-Japan ekuqaleni wayehlelile ukuvumela ababukeli abayizinkulungwane eziyishumi ukuba bangene ezinkundleni zama-Olimpiki ase-Tokyo, aqala emasontweni amabili.

Kodwa-ke, ngaphansi kwesimo esiphuthumayo samanje, isibalo sezibukeli sincishisiwe safinyelela ku-5 000, noma u-50% wesibalo sendawo.

Imibiko yase-Japan iphakamisa ukuthi akekho umlandeli ozovunyelwa ukuba abe khona emidlalweni futhi kunalokho izokwenzeka ngasese.

UYasuthosi Nishimura, uNgqongqoshe wezokulwa negciwane e-Japan, uthe: “Inani labantu abahaqwa igciwane liyaqhubeka nokukhuphuka e-Tokyo. Njengoba ukuhamba kwabantu kukhuphuka, igciwane elisha elihlukile i-Delta, likhuphuka cishe ngo-30% kwisibalo sabahaqwa igciwane. Lokhu kulindeleke ukuthi kuqhubeke nokwanda.”

Abahleli abavela kuma-Olimpiki ase-Tokyo ahlelwe kabusha bahlangane nohulumeni wasekhaya kanye nowezwe ngoLwesine ukwenza uhlelo olunenqubekela phambili maqondana nezibukeli, kodwa asikho isitatimende esisemthethweni esisakhishwe ngabahleli.

Imidlalo yama-Olimpiki yase-Tokyo yangowezi-2020 ihlelelwe ukuqala mhla zingama-23 kuNhlangulana.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva