Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho
Izinhlangano ezingenzi nzuzo (ama-NPO) esifundeni sase-Vhembe e-Limpopo, ezisebenzela ukuvikela abesifazane nezingane, zikhungathekile ngendlela amacala agqugquzelwe odlame lobulili (GBV) asingathwe ngayo.
Amacala amaningi awaphenywa noma awafiki enkantolo, okwenza izisulu zingakwazi ukubika ubugebengu esikhathini esizayo.
I-Vhembe inenani eliphezulu lamacala e-GBV, njengoba sekubikwe angaphezu kuka-13,000 kusuka ngo-2019, kodwa incane inqubekelaphambili esiyenziwe kusukela ngaleso sikhathi.
UMuladzi Ramaano, usihlalo we-Thohoyandou Women Support Group, uthe abeneme ngokubambezeleka okuqhubekayo enkantolo.
“Amacala alokhu ehlehliswa, futhi abenzi bobubi basacanasa ekubeni abagilwa bakhungathekile,” usho kanje.
URamaano ukhathazekile ngokuthi uma uhlelo lwezobulungiswa lungathuthuki, abagilwa bazoyeka ukubika ubugebengu.
Ubalule namacala athinta abantu abaziwayo e-Vhembe asenesikhathi eside ebambezeleka.
Esinye isibonelo ngesomahlaya uLivhuwani Madadzhe odume ngelika-SABC Livhu osolwa ngokubulala unkosikazi wakhe uLindelani Negovhela ngonyaka odlule.
Icala lakhe seliphinde lahlehliswa futhi lihlehliselwe umhlaka-27 kuMasingana 2025, osekucasule ama-NPO nezakhamuzi.
UMnuz Calvin Nenguda ongumsunguli we-Real Men Foundation, ucele abantu ukuthi babekezele.
“Ngisho kungathatha isikhathi eside, labo abanecala le-GBV noma lokuhlukumeza ngokocansi bazogcina bebhekane nobulungiswa,” kusho uNenguda.
Uvumile ukuthi kunzima ukulinda kodwa wathi inhlangano yakhe isebenzela ukufundisa abantu ngendlela uhlelo lwezobulungiswa olusebenza ngayo nokuthi ubulungiswa buzokwenzeka.
Izinkinga zesistimu yezobulungiswa azigcini ecaleni elilodwa kuphela. Ngasekuqaleni konyaka lihoxisiwe icala ebelibhekene noBhishobhi uDkt Roxley Masevhe, osolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe, ngenxa yokushoda kobufakazi yize eboshiwe.
Elinye icala lokunukubeza ngokocansi elithinta uMprofethi uPhathutshedzo Sikhubu nalo selibambezeleke kaningi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iNPA eLimpopo uMashudu-Malabi Dzhangi ayiphumelelanga.
Osesithombeni ngenhla: ULivhuwani Madadzhe, odume ngelika-SABC Livhu, ngesikhathi evele enkantolo ngoMsombuluko eLimpopo.
Umthombo: Sithunyelwe