Ama-cheerleaders eqembu lebhola i-Dallas Cowboys athole isinxephezelo semali engu-36 million

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola lezinyawo i-Dallas Cowboys laseMelika likhokhele ama-cheerleaders isinxephezelo sika-R36 million kulandela izinsolo ezithinta ucansi ezibekwe isikhulu esiphezulu.

Umbiko oshicilelwe i-ESPN uthe isixazululo sibandakanya abaholi abane bama-cheerleader ababejola ngonyaka ka-2015.

Omunye wabesifazane uthe babona iPhini likamengameli omkhulu weqembu lezokuxhumana nomphakathi eqopha iqembu lama-cheerleaders ngesikhathi eshintsha ngemuva komdlalo.

Owesilisa okukhulunywa ngaye, uRichard Dalrymple, owasebenzisa ikhadi lakhe ukuze angene egumbini lokushintshela kodwa uthi wayengazi ukuthi abalandeli abangama-cheerleaders bebesendlini yokushintshela.

UDalrymple uphinde asolwe ngokuthwebula isithombe ngaphansi kwesiketi sowesifazane osebenza naye, okuthiwa uyindodakazi yomnikazi weqembu.

“Ngiyabuqonda ubucayi balezi zinsolo futhi angizithathi kalula. Kodwa izinsolo zingamanga,” kusho uDalrympie esitatimendeni.

“Okunye kwenzeke ngephutha kanti okunye akwenzekanga. Konke okwakusolwa kwaphenywa ngokucophelela eminyakeni edlule, futhi ngangiphendula yonke imibuzo ngokugcwele.”

I-Dallas Cowboys ithi ngesikhathi benza uphenyo lwabo, abatholanga lutho olubi yize isinxephezelo sizokhokhwa.

UDalrymple usebenzele iqembu lebhola laseMelika iminyaka eyisithupha ngemuva kwesigameko ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi ngonyaka odlule.

Ngokuqondana nje, umhlalaphansi ufike emasontweni ambalwa ngemuva kokuthi i-ESPN iqale uphenyo lwayo ngombiko walesi sigameko.

Ukuxazulula kuhlanganisa nesivumelwano sokungakhulunywa ngaloludaba, okusho ukuthi akekho noyedwa wama-cheerleaders ongakwazi ukuphawula esidlangalaleni ngalesi sigameko.

Owayengumholi weqembu lama-Cowboys owayengathintekanga kulesi sigameko uthe uzwa ubuhlungu ukuthi ithimba lenze umsebenzi ongaka wokuthulisa isimo.

“Ngiyazi ukuthi kwabathinta kangakanani ababekhona kwenzeka lokhu. Kwavele kwaba icala lencwadi evaliwe, kwangakhulunywa ngayo ukuze umholi ezohlala esikhundleni sakhe. Bavele bakwenza  kalula nje lokho,” kusho owayengumholi waleli qembu. 

Umthombo wesithombe: @NewYorkPost

Izihloko zakamuva