Ama-Bulls anqobe umdlalo wasekhaya ebhekene nama-Sharks

Lucky Maree

Kubukeka sengathi iqembu lamaBulls linomgomo wokwenza konke okusemandleni awo ukunqoba imidlalo yasekhaya. Njengoba abadlali bebengena enkundleni e-Loftus Versfeld bekumele basebenzise lowo mgomo. 

UChris Smith odlala eqenjini lamaBulls udlala ibhola elihle kakhulu esayidini ukuze akhiphe uJohan Goosen  ongumdlali wasemuva eduze komugqa.

Kusukela ekuqaleni kwesiwombe sesibili u-Aphelele Fassi uzibonakalise njengomdlali ohamba phambili okuholela ekuzameni amaphuzu.

Ngesikhathi sekusele imizuzu eyisishiyagalombili ukuthi kuphele umdlalo ama-Bulls aqhwakele ngamaphuzu angu-13.

Iqembu ngalinye lithola i-try eyodwa okusize ama-Bulls ukuthi anqobe.

Kunconywe uJake White ngokunikeza uChris Smith ithuba lokudlala umdlalo ophelele kwinombolo yeshumi. Njengoba sazi sonke amaBhokobhoko awanabo abadlali esingababiza ngama-flyhalf njengoba beya eNdebeni yoMhlaba, kodwa bobabili uChris Smith noBoeta Chamberlain bangaba iwona ngendlela abazimisela ngayo uma besenkundleni.

Ama-Bulls:

Abazame amaphuzu: uMarcel Coetzee, u-Embrose Papier, uStravino Jacobs kanye noJan Hendrik Wessels

Ama-Sharks:

Abazame amaphuzu: uMarnus Potgieter, u-Aphelele Fassi, uPhendulani Buthelezi

Bashintsha kathathu bathola amaphenathi amabili. 

Ama-Bulls awine umdlalo ngamaphuzu angu-40 kanti ama-Sharks athole angu-27

Osesithombeni esingenhla ngu-Aphelele Fassi wama-Sharks

Umthombo Wesithombe: SArugbymag

Izihloko zakamuva