Ama-All Blacks nengcindezi enzima

Lucky Maree

Uma ama-All Blacks ehluleka eNdebeni yoMhlaba uMark Robinson uzokhunjulwa ngokuhluleka ukuxosha u-Ian Foster.

“Elakuleli lizodlala ne-Ireland e-Dublin ngosuku olufanayo nama-All Blacks azobe ebhekene nama-Wales e-Principality Stadium e-Cardiff. Bekungakaqinisekiswa ngokusemthethweni ukuthi ngesikhathi somdlalo wama-All Blacks umdlalo wamaBhokobhoko uzovezwa yini kumabonakude.”

Asematheni ama-All Blacks ezinkundleni zokuxhumana njengoba ebhekene nenkinga enkulu emlandweni webhola lombhoxo e-New Zealand. 

Ngisho uNick Mallett ukubikezele ngokuzethemba ukuthi ama-All Blacks ngeke ahlule amaBhokobhoko uma esedlala nawo e-Mbombela eGoli. 

Kodwa uMallett ongumfundi okhaliphile womdlalo ngokubheka kwanoma ngubani ube nephutha phambilini, kodwa futhi ubelokhu evuma njalo ukuthi wenza iphutha kungenzeka futhi asheshe awagwinye amazwi akhe.

Iqiniso ukuthi ama-All Blacks awekho ezingeni eliphezulu okwamanje futhi icala libekwe emahlombe ka-Ian Foster, kodwa uFoster ugcina umsebenzi wakhe njengomqeqeshi wabadlali njengoba uJohn Plumtree kanye nomqeqeshi uBrad Mooar baxoshwa. UJason Ryan osuka kwi-Crusaders ungeniswe njengomqeqeshi wabadlali abaphambili.

Umlandeli webhola lombhoxo wakuleli uphawule ngokuthi: “ngicela ningamxoshi uFoster ubalulekile kuleli.”

Umphathi webhola lombhoxo e-New Zealand uMark Robinson uhlaze iqembu lama-All Blacks ngesikhathi ebhala ku-Twitter ethi “Kusobala ukuthi ukudlala kwama-All Blacks emdlalweni wochungechunge akwamukelekile. Sonke siyazi ukuthi mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe.”

Kodwa kukhona okuthile ngabaphathi bebhola lombhoxo abaphezulu emhlabeni jikelele. Kungani beqhosha kangaka futhi bezidla?

Kuleli sinesibonelo sikaRassie Erasmus owathola isijeziso ngenxa yokweyisa u-referee. Wathola isijeziso esinzima kangangokuthi abaqeqeshi emhlabeni wonke bahlale becophelela uma bekhuluma ngezinqumo zasenkundleni.

URobinson uthi banomsebenzi omningi okufanele bawenze, kodwa kungani bengaphenduli imibuzo eyisisekelo kuqala?

URobinson uqoke u-Ian Foster owesilisa enerekhodi elaziwayo eliphansi ngemuva kweNdebe Yomhlaba yangonyaka ka-2019.

Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ukububula okuyisixwayiso bekukhona. Kube nengqungquthela noFoster ngoba izinto bezingahambi kahle. Kungani bekungenzeki lutho ngaleso sikhathi?

Kungani uFoster eza kuleli futhi kungani ezoya eNdebeni yoMhlaba njengomqeqeshi?

Ohlelweni lebhola lombhoxo lase-New Zealand, i-The Breakdown uJeff Wilson noJohn Kirwin bebecasuka ngalolu hlelo. 

Ngomzuzwana wokwethembeka kweqiniso uKirwin uthe yena ngokwakhe ubengeyena umqeqeshi we-Blues ingakho asula esikhundleni.

Kodwa uWilson noKirwin bebethukuthele kakhulu ngoRobinson nebhola lombhoxo lase-New Zealand Rugby kanye nengqungquthela abanayo.

“Bazokhuluma ngani abangazange bakhulume ngayo ezinyangeni eziyisithupha ezedlule?” Kubuza uWilson.

Uma ama-All Blacks ehluthuka uma ebhekene namaBhokobhoko mhlawumbe lokho kuzobathusa ukuthi benze okuthile ngoFoster. Kodwa kuthiwani uma ama-All Blacks enza kahle uma ebhekene namaBhokobhoko uFoster uzohlala aphathe omunye umdlalo neminye elandelayo njengoba sekusondele neNdebe Yomhlaba.

U-Ian Foster ufuna ukugcina umsebenzi wakhe ngakho abantu abakwazi ukumsola ngalokho.

Kodwa wena Mnu Robinson kumele wenze izinqumo ezinzima noma ulindelwe ukugxekwa. Uma ama-All Blacks ehluleka eNdebeni yoMhlaba nguwe ozokhonjwa ngeminwe ukuthi uhlulekile ukuba nesibindi sokuxosha uFoster.

Umthombo wesithombe: @AllBlacks

Izihloko zakamuva