Lucky Sithole
Ubeka amaphuzu anomqondo umphathi we-New Zealand uMark Robison uma echaza ukuthi kungani ama-All Blacks ehoxise ukuya kumcintiswano wamabhokobhoko.
I-New Zealand edlala ibhola lombhoxo imemezele ukuthi ngokubuka isimo se-Covid-19 e-New Zealand bazohlala ezweni labo ngesikhathi abaphathi bomcintiswano i-Sanzaar final behlela imidlalo yabo esele.
“Njengoba singaqinisekisile ngesibalo se-Covid-19 kuwumqondo omuhle nophusile ukumisa yonke into kancane ukuze sithole ukuchazeleka kangcono ngemidlalo elandelayo” kusho uRobinson esholo phansi.
Umqeqeshi we-Australia uDave Rennie akaphathekile kahle ngalezi zinguquko.
Uthe i-New Zealand ayizange ixhumane ne-Australia ngesinqumo sabo.
“Lokhu kuyadumaza kakhulu” kusho umqeqeshi.
“Ngidiniwe kakhulu abafana bethu bathole ngalokhu kwizinkundla zokuxhumana” kusho uRennie.
Uthe ubona ngathi yibo bodwa abenza okulungele le midlalo.
URennie unephuzu kulokhu akushoyo.
“Ngonyaka odlule siye e-New Zealand siyokwenza isiqiniseko sokuthi le midlalo izothuthukisa izizwe zombili” kusho uRennie.
“Besikumvalelo e-Wellngton amasonto amabili. Ebesikulindele ukuthi sizoya khona nabo beze ngapha”.
Umphathi webhola lomboxo lase-Australia u-Andy Marinos ubengajabulile naye.
“Kuyaphoxa kakhulu ukwaziswa ngalesi simo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuba nengxoxo nomphathi wabo ngaphambilini, lokhu abakushongo ukuthi yilezi izinhloso zabo” kusho uMarinos owayedlalela ama-Springbok.
Umqeqeshi wama-Springbok uJacques Nienaber useveze ukuthi iNingizimu Afrika ngenkathi benza izinguquko njalo ngosuku baphinde benza umcintiswano we-B&l lions owaba impumelelo. Uveze kancane ukuthi bakulungele njengeNingizimu Afrika ukuba baphathe imidlalo esele yabhola lombhoxo.
Njengesizwe i-New Zealand iyazama ukumelana ne-Covid-19 njengazo zonke izizwe ezibhekene nalolu bhubhana akuphikiswa lokho, kodwa izigidi zabalandeli sezigxeka ama-All Black ngokuzikhukhumeza.
Umbuzo usamile kulesi simo:
“Mnumzane Robinson ubengeke yini thathe umakhalekhukhwini ufonele u-Andy umazise ngezinguquko ezinkulu kangaka noma awuzange ukucabange ukumfonela”?