Dylan Bettencourt
Amalungu amaningana eqembu le-New Zealand Rugby abungaze ukunqoba kwabo bedlala ne-Australia endaweni yokucima ukoma ebihanjelwe ngomunye umuntu ngokuhamba kwesikhathi ohlole watholakala ukuthi utheleleke nge-Covid-19.
Ama-All Blacks avakashele le ndawo yokucima ukoma mhla ziyi-14 kuNcwaba, usuku abanqoba ngalo i-Wallabies ngo-57-22 enqoba i-Belisloe Cup okwe-19 kulandelana. Ngemuva kokuqinisekisa kwendawo yokicima ukoma ngomuntu otheleleke nge-Covid-19, indawo ifakwe ohlwini lukaNgqongqoshe wezeMpilo lwezindawo ezithinteke kakhulu yi-Covid-19.
Ama-All Blacks ahambele e-Perth ukuyoqhudelana esigabeni esisele se-Rugby Championship kusasele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuba indawo yokucima ukoma ababekuyo ifakwe ohlwini lwezindawo ezine-Covid-19.
UKaren Rasmussen, umphathi wezokwelapha wase-New Zealand, uqinisekisile ukuthi abadlali beqembu abaningana babesendaweni yokucima ukoma ngalobo busuku kodwa balandele imigomo edingekayo.
“I-New Zealand Rugby kanye ne-All Blacks bebelokhu behlola izindawo ezithintekayo ukubona ukuthi akekho yini othelelekile kubasebenzi bethu nakubadlali bethu. Ithimba vele selilandele imihlahlandlela yoMnyango Wezempilo maqondana nale ndawo,” esho.
Uthe bonke abadlali nabaphathi be-All Blacks bagonyiwe futhi bahlolwe kabili.
“Okokuqala kwakuyizinsuku eziyi-10 ngemuva komgubho, ngaphambi nje kokuba iqembu liye e-Perth, kanti okwesibili kube ngesikhathi befika e-Perth,” kusho uRasmussen.
Umqhudelwano we-Rugby uthinteke kakhulu ngokwanda kokuthelelana nge-Covid-19 e-Australia nase-New Zealand. Umdlalo osele uzodlalelwa esifundazweni sase-Perth e-Australia.
Ngemuva kwezinsuku eziyi-14 zokuziqhelelanisa nabantu, lo mdlalo uzoqhubeka kuleli Sonto mhla zinhlanu kuMandulo kanti ama-All Blacks kanye ne-Wallabies bazodlala ngehora lesishiyagalombili ekuseni.
AmaBhokobhoko azobuyela enkundleni ngempelasonto ezayo, mhla ziyi-12 kuMandulo lapho azobhekana khona ne-Australia ngehora le-12 ebusuku.
Umthombo wesithombe: @RugbyWorldCup