Alukho ukhetho lokuchibiyela ngoba umasipala we-ANC usaba iMK 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umphakathi wasewadini 1 kuMasipala UMzimkhulu ophethwe i-ANC usuhlale izinyanga ezine ungenalo ikhansela ngenxa ‘yetwetwe lokuthi uMkhonto Wesizwe (MK) Party uzozidlela amahlanga’.

Lokhu kungemuva kokuthi umphathi kamasipala, uMnuz Andile Ngqoyiya kuthiwa uhlulekile ukulandela umthetho nokumemezela isikhala ukuze i-Independent Electoral Commission (IEC) ibize ukhetho lokuchibiyela.

Ngokwemigomo yohulumeni basekhaya, lokhu kufanele kwenziwe zingakapheli izinyanga ezintathu ikhansela lisulile, lishonile noma lingakwazi ukuqhubeka nokumela iwadi.

Leli wadi izithole ingenalo ikhansela ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMnuz Nkosinathi Madlala we-ANC ngoZibandlela.

Kodwa-ke, uMzimkhulu awenzanga mnyakazo wokumemezela ukhetho lokuchibiyela kule wadi okuvuleke kulo isikhala sekhansela ngemuva kwezinyanga ezingaphezu kwezintathu lishonile.

Umthombo olume i-Scrolla.Africa indlebe mayelana nokubambezeleka kwalokhu usola ukuthi ukungabaza kukamasipala ukumemezela ukhetho kudalwe ukwesabela ukuthi iMK eholwa owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, lingase liyihlwithe le wadi.

“Umphathi kamasipala ungaphansi kwengcindezi yezepolitiki njengoba engasimemezeli lesi sikhala ngoba unovalo lokuthi iqembu le-MK lizowina iwadi bese lithela ngehlazo i-ANC,” kusho umthombo.

“Khumbula ukuthi iqembu le-MK lidumile endaweni, ngakho inhloso lapha ukuba nokhetho lokuchibiyela ngemuva kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.”

Okhulumela umasipala, uMnuz Willie Mgcina akazange ayiphendule imibuzo mayelana nokuhluleka kwabo ukumemezela isikhala kwa-IEC nakuba bebezama kaningi ukumncenga ukuba enze lokhu.

I-IEC KwaZulu-Natal ithe izandla zayo ziboshiwe kulolu daba.

Ithe uma umasipala ungasimemezeli isikhala somsebenzi ukuze ikwazi ukukhipha isikhathi sokhetho lokuchibiyela, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuphela ongasukumela lolu daba.

Esithombeni esingenhla: Umgwaqo endaweni yamabhizinisi kumasipala waseMzimkhulu.

Umthombo wesithombe: umzimkhululm.gov.za

Izihloko zakamuva