Alisekho igciwane e-New Zealand

UNdunankulu wase-New Zealand uJacinda Ardern umemezele ukuthi izwe lakhe selikhululekile ngoba igciwane le-Covid-19 alisekho.

UArdern uthe “wenze umdanso omncane” ngenkathi etshelwa ukuthi laba abakade benegciwane ezweni lakhe bonke sebeluleme.

Imikhawulo eqinile ebibekiwe ye-Covid-19 e-New Zealand izokwehliswa ngoMsombuluko ebusuku, kodwa imingcele isazoqhubeka ivalwe.

Izwe lase-New Zealand liqhelile kwamanye amazwe futhi linabantu abambalwa, ngakho-ke liyindawo engcono kakhulu kunamanye amazwe ukulwa nalolu bhubhane. Kanti futhi uhulumeni ubhekane nale nkinga yalolu bhubhane ngendlela engcono kakhulu kunabaningi. Ubesebenza kahle futhi ekhulumisana kahle nabo bonke abantu.

Scrolla World Cup Quiz