
Everson Luhanga
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba ucubungula izinyathelo zomthetho ngemuva kokuthi iPhalamende likazwelonke likhulule umholi we-EFF uJulius Malema ngamazwi akhe akhuthaza abantu abangena kuleli ngokungemthetho ngoLwesine.
UMalema watshela abantu abaqhamuka emazweni angaphandle ukuthi kumele bathole indlela ephusile yokungena eNingizimu Afrika.
UMashaba neqembu lakhe bafaka isimangalo kuSomlomo wePhalamende ngemuva kokuthi uMalema esho lokhu.
IsiShayamthetho sikazwelonke sithe amazwi kaMalema angatolikwa ngendlela ehlukile futhi ngenxa yalesi sizathu, ikomidi lithole ukuthi leli lungu alizange liphule umthetho wokuziphatha nokudalulwa kwamalungu”.
UMashaba uphendule lesi sinqumo, ngokuthi kuyadabukisa ukuthi ilungu lePhalamende alikwazi ukuphawula ngale ndlela ukuze likhuthaze abantu ukuthi bephule umthetho wezwe.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ucacile ngodaba lokufika kwabantu basemazweni angaphandle. Wonke umuntu kufanele abe sezweni ngokusemthethweni nemibhalo efanele.
Uthe ithimba le-ActionSA lizohlangana ngoLwesihlanu ukuze linqume ukuthi ngabe iqembu lizophikisana yini nokutholwe iPhalamende likazwelonke eNkantolo eNkulu.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMashaba uphinde wathi iqembu lakhe licabanga ukuthathela umholi we-EFF uJulius Malema izinyathelo zomthetho mayelana nokuphawula kwakhe.
“Silindele abaholi ikakhulukazi abasemaPhalamende ukuthi bahloniphe umthetho.
“Ngeke bavele bakhulume noma yini engakhuthaza uthuthuva nokukhombisa ukungabi nomthetho ezweni,” kusho lo mholi.
Khonamanjalo, uMashaba usole uhulumeni we-ANC ngomdonsiswano phakathi kwe-EFF ne-Operation Dudula e-Soweto ngoLwesithathu.
Ngemuva kokuboshwa komholi weDudula Operation uNhlanhla Lux Dlamini ngoLwesine ntambama, uMashaba ubhale ku-Twitter wathi: “Kuyadabukisa ukuthi ukwehluleka ngokuphelele kwe-Tripartite Alliance, ikakhulukazi i- @HomeAffairsSA ukuphatha imithetho yezwe lethu emayelana nokungena kwabantu bamanye amazwe kuholela kulesi simo.”