Linda Ximba
Emasontweni amabili nje kuqale unyaka, umkhakha wesibhakela eNingizimu Afrika usubhekene nengwadla, njengoba abashayisibhakela nabaqeqeshi sebenqume ukuhlukana.
ULudumo “9mm” Lamati ongumpetha we-IBO junior featherweight akasekho ngaphansi kwenkampani kaRodney Berman, i-Golden Gloves Promotion, kulandela ukungaboni ngasolinye ngempi yakhe elandelayo.
ULamati wajoyina le nkampani ezinze eGoli ekuqaleni kuka-2020 futhi uBerman wamsiza ukunqoba emqhudelwaneni we-IBO ebhekene noJose Martin Estrada wase-Mexico e-Emperors Palace ngoNhlangulana ngonyaka odlule.
Imithombo ithe uBerman ubefuna uLamati aqhudelane no-Estrada kodwa lo mshayisibhakela wase-East London yena wayeqokwe emdlalweni owawuhlelelwe ukuba eNgilandi.
“Laba bobabili abazange bekwazi ukwenza isivumelwano. ULamati wabona singekho isidingo sokulwa nomshayisibhakela wase-Mexico, futhi wathi impi yaseNgilandi izokwenza ukuthi abantu baziwe futhi izomlethela imali eshisiwe,” kuchaza umthombo osondelene nalo mpetha.
“Yingakho enqume ukushiya i-Golden Gloves.”
ULamati akathandanga ukuphawula, wacela ukunikwa isikhathi ukuze abuyekeze okwenzekile.
Okhulumela i-Golden Gloves Promotions uBrian Mitchell ukuqinisekisile ukuhlukana nomshayisibhakela: “Yebo kuyiqiniso kodwa ukuhlukana kube nokuthula.”
Khonamanjalo, umqeqeshi ophinde abe yimenenja yodumo uCollin Nathan uhlukane nesihlabani sesibhakela u-Azinga “Golden Boy” Fuzile.
Lo mshayisibhakela odabuka e-East London, usebenzisane noNathan eminyakeni emibili edlule wasondezwa esicongweni se-IBF. UFuzile wahlulwa emqhudelwaneni wakhe wokubanga isicoco se-IBF junior lightweight ehlulwa uKenichi Ogawa wase-Japan ngoLwezi odlule eMelika.
UNathan ubengekho ekhoneni likaFuzile empini yakhe yokugcina kanti uChief Njekanye nguye obehamba nalo mshayisibhakela waseNingizimu Afrika.
UNjekanye ukuqinisekisile ukuthi akasekho ngaphansi kobuholi bukaNathan. Wengeze ngokuthi bamatasa balungisa amaphutha abawenza ku-Ogawa futhi bayafunga bazokwenza kangcono.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE