Alaziwa ikusasa labesifazane asebemisiwe ngenxa yokuzibandakanya nemidlalo

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola lase-Afghanistan labesifazane lithi akukacaci kahle ngekusasa labo emidlalweni kulandela ukuphatha kwe-Taliban ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Cishe bangama-50 abesifazane abangabadlali bebhola ababalekiselwa e-Australia ngemuva kokuba izidlamlilo zilawule idolobha lase-Kabul ngenkani mhla ziyi-15 kuNcwaba.

UShabnam Mobarez. ukaputeni eqenjini lesizwe, aphinde ahlale  eMelika uthe abadlali abahleli e-Austrailia badidekile ngoba akukacaci ngekusasa labo kwezemidlalo.

“Akuqinisekisiwe neze, ngesimo abakuso njengamanje, kwakubuhlungu kakhulu ngesikhathi siphuma,” uShabnam etshela i-SKY Sports.

“Ngiyazi ukuthi badidekile futhi bathukile ngoba bashiye imndeni kanye nabangani emuva,” kusho uShabnam.

Ngesikhathi kuphethe i-Taliban kudala, ngonyaka wezi-1996-2001, bonke abesifazane babengavumelekile ukungenela ezemidlalo. Ngokulandela izithembiso ezenziwa i-Taliban kubukeka ngathi ngaphansi kwalo hulumeni abesifazane angeke bayingenele imidlalo.

Ngenyanga edlule abaphathi be-Taliban bathi abesifazane akumele badlale i-cricket ngenxa yokuba kuzovela umzimba wabo. Baphinda bathi asikho isidingo sokuba abesifazane bazibandakanye nezemidlalo.

UMobarez uthi leli qembu elibusayo libeke ibhola labesifazane engcupheni ngoba ngeke liphinde libe khona e-Afghanistan.

“Kungiphula inhliziyo ukuthi kade belwa nezingqinamba ezincane, kodwa kubukeka ngathi ziphelile ezemidlalo. Noma ngabe bayaaphuma ezindlini, kuyafana lokhu kuzoba yingozi ngoba bangase babulawe,” kusho ukaputeni.

Umthombo wesithombe: @BeyondSport

Izihloko zakamuva