Ibhalwe nguRazeen Gutta
NgoLwesibili i-Uefa Champions League ibiphethwe uLionel Messi kanye noKylian Mbappe ngesikhathi beshaya amagoli amabili umuntu ngamunye e-Paris njengoba i-PSG inqobe ngayisikhombisa ihlula iqembu lase-Israel i-Maccabi Haifa.
Ngakolunye uhlangothi ukuba khona kuka-Erling Haaland obengazizwa kahle akushongo lutho njengoba i-Borussia Dortmund ne-Manchester City zidlale ngokulingana kanti i-Real Madrid ihlulwe i-Leipzig.
Iqembu likaPep Guardiola belihola phambili umdlalo wonke kodwa liye lazabalaza ukuthola igoli. Umgadli we-City osefomini uHaaland akabange esabuya enkundleni ngesikhathi kubuywa ekhefini, ngemuva kwalokho uGuardiola uthe lo mdlali ubephethwe umkhuhlane kuleli sonto.
Iphenathi egejiwe uRiyad Mahrez ngemuva kwehora kuqale umdlalo ibavimbele ekutholeni amaphuzu amathathu ukuze badlule iqembu lase-Germany.
Kodwa-ke, ukudlala ngokulingana bekwanele ukunikeza i-Citizens indawo ephezulu ku-Group G, kanti i-Dortmund nayo isifinyelele kwangu-16 ahamba phambili.
Eqenjini le-Paris Saint Germain bekuwumbukiso kaMessi ngesikhathi iqembu lakhe liwina ngo 7-2 libhekene ne-Maccabi Haifa.
Lo mdlali wase-Argentina wenze ezibukwayo ngemuva kokushiywa ngaphandle ohlwini lwabaqokelwe i-Ballon d’Or ngesonto eledlule, ngesikhathi eshaya amagoli amabili esiza kwamathathu njengoba leli qembu lase-France lingena esigabeni somkhumulajezi sekusele umdlalo owodwa.
Ukuwina ekhaya kwe-Leipzig ihlula i-Real Madrid kusho ukuthi kunemidlalo okumele idlalwe ku-Group F ngosuku lwesithupha lomdlalo kanti amagoli kaVinicius Jr noRodrygo abenganele njengoba iqembu lase-Bundesliga liwine ngo 3-2.
Kweminye imiphumela, i-Juventus iphinde yahlulwa, kulokhu ishaywe i-Benfica ngo 4-3, i-Milan ihlule i-Dinamo Zagreb ngo 4-0 ngesikhathi i-Sevilla iwina ngo 3-0 ibhekene ne-Copenhagen.
I-Chelsea idlale umdlalo olandelayo yawuwina ngo 2-1 ishaya i-Salzburg ingekho ekhaya ngesikhathi i-Celtic ne-Shakhtar Donetsk badlala ngokulingana ngo 1-1 e-Glasgow.
Umthombo wesithombe: @StatmanDave