‘Akuwona umsebenzi kamasipala wasekhaya ukuqeqesha amabhizinisi amancane’ – Uys

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

U-MMC wezezimali e-Tshwane, uJacqui Uys, uthi ohulumeni basekhaya abahlalele ukuqeqesha osomabhizinisi bendawo, ngoba akuwona umsebenzi wabo.

Ngesonto eledlule, umasipala umise ngaphezu kuka-60% wezinkontileka zamaloli aqoqa udoti ezingahambisani nemithetho emisha. Imithetho emisha idinga ukuthi amaloli abe ngaphansi kweminyaka eyisishiyagalolunye, akulungele ukuba semgwaqeni, athobele imithetho futhi abe nomshini wokulandela umkhondo weloli (tracker).

Abaningi balabo abathintekayo ngosonkontileka abancane abaqale amabhizinisi abo okuqoqwa kwemfucuza ngo-2012 ngokuqeqeshwa nokusekelwa ngezimali uhlelo lukamasipala i-Tshepo 10,000. 

Lolu hlelo lwaqalwa wumasipala oholwa yi-ANC ukuze kudaleke amathuba omsebenzi nokweseka osomabhizinisi abasafufusa.

NgoLwesine kube nemizamo yokuvala izindawo zokulahla imfucuza, kanti abashayeli bamaloli abafike emsebenzini kuthiwa basatshiswe ngabanikazi bamaloli abebedinwe begane unwabu. 

Umasipala usucele amaphoyisa ukuthi aphelezele amaloli ngesikhathi kuqoqwa imfucuza emalokishini nasezindaweni zokulahla imfucuza.

U-Uys uthe umsebenzi wohulumeni basekhaya wukuletha izidingongqangi, kanti isifundazwe nohulumeni kazwelonke yibona ababhekele ukusiza amabhizinisi. 

“Mhlawumbe i-ANC kumele ibheke ukuthi yenzani ukusiza osomabhizinisi bendawo. Uma ngizwa ngosomabhizinisi bendawo e-Mamelodi kubukeka sengathi osomabhizinisi be-ANC abanezimfuno zabo bodwa,” usho kanje.

Amanye amaloli madala kangangoba abesebenza kusukela ngo-1978 futhi evame ukuphuka, ehluleka ukuhlinzeka ngezinsiza. 

U-Uys usole uNobhala we-ANC e-Tshwane, uGeorge Matjila, ngokuthi nguyena odale ukuphazamiseka. 

“Ukukhathazeka kosonkontileka abancane kanye nokukhathazeka okuvezwe nguMatjila kubukeka kufana. Lokhu kungenze ngabika uMatjila emaphoyiseni. Kungase kube nobunye ubufakazi bemizamo yokugxambukela nokuxhaphaza izinhlelo zamathenda futhi amaphoyisa angaphenya ngalokho,” kuqhuba Uys.

UMatjila uphikile ukuthi unezinkontileka noma wenza ibhizinisi neDolobha. “Noma ngabe nginebhizinisi noma amaloli lokho akuhlangene noJacqui nanoma ngubani, kodwa anginankontileka neDolobha,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: UJacqui Uys.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva