Ukuba nentshebe ende isikhathi esiningi kubonakala njengobuhlakani kwelaseNdiya, kodwa hhayi kulendawo yasemakhaya ekhethe ukungahambisani nalokhu okwenziwa abesilisa.
Noma imuphi umuntu wesilisa onetshebe ende emphakathini wase-Chaudhary, owakhiwe izigodi ezingu-54 e-Banaskantha, e-Gujarat, angase abhekane nenhlawulo ka-R12,000.
Idolobhana liphinde lavala ukuthengwa nokusikwa kwamakhekhe okuzalwa. Kumanje imicimbi ayisenzeki kulendawo njengoba ukuqasha abantu abazopheka noDJ akusavumelekile.
Abantu abadala bakulesi sigodi bachaza ukuthi lesi sinyathelo siwukugcina isiko lendawo yabo, lapho abesilisa bevame ukushefa khona, kubika i-The Times.
“Umphakathi wakithi usuthathe isinqumo sokuyivala njengoba abafana abakhulile sebeqalile ukubeka intshebe futhi angeke usabona ukuthi iphuma emphakathini wase-Chaudhary noma cha.
“Abantu abashefa intshebe bakhombisa uphawu lokuba ingxenye yomphakathi wethu,” kusho umholi wendawo, uRaymalbhai Chaudhary etshela i-Indian Express.
Ukuvinjelwa kwemicimbi kuyisinqumo sezomnotho, kuchaza uChaudhary.
Uqhube wathi abantu emphakathini bajwayele ukuthenga amakhekhe baqashe oDJ ngemali abangenayo. Lokhu bakwenza ngenxa yabanye abantu.
Okunye ukuvinjelwa ukubhenywa kwe-opium ngemuva kokushona komuntu.
“Kunaleli siko lokubhenywa kwe-opium ngesikhathi somcimbi okuhlobene nokushona kwabantu emphakathini. Sifuna ukukumisa njengoba kubeka umthwalo omkhulu wezezimali kubantu abampofu futhi akukho emthethweni,” kusho uChaudhary.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: Indoda yaseNdiya enentshebe ende