Akusaphephile ukugqoka iwigi entsha eHarare  

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Ukuhlwitha amawigi e-Brazilian kubashayeli besifazane nabahamba ngezinyawo sekuwubugebengu obusha ezinganeni ezihlala emgwaqeni e-Harare.

Izingane ziphuca abantu amawigi ukuze zithole imali kubalungisi bezinwele noma bashintshe ngawo ukuze zithole izidakamizwa ezibizwa nge-crystal meth, i-glue noma isiraphu yokukhwehlela evela kubathengisi bezidakamizwa.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uJacob Mavengere oneminyaka engu-19 ubudala ohlala emigwaqeni uthe usenonyaka manje ehlwitha abantu besifazane amawigi.

“Iyona ndlela elula yokwenza imali njengoba abantu besifazane bengenamandla futhi abaningi abakwazi ukulwa. Angifuni ukudalula abathengi bami ngoba bazoyeka ukuthenga kumina.”

Wengeze ngokuthi usebenza kahle ebusuku, ngoba uyakwazi ukuhlwitha iwigi aphelele ebumnyameni.

UMathias Dzapasi oneminyaka engu-21 ubudala uthe ukuhlwitha amawigi kubashayeli bezimoto nabahamba ngezinyawo kuwumsebenzi omuhle odinga ukuthi umuntu abe umsubathi osezingeni, akukho okunye.

“Uma ufuna ukuvakashela edolobheni ungafaki iwigi ebizayo, ngoba siyithatha kalula.

“Uma ushayela qinisekisa ukuthi amawindi akho avaliwe ngoba sijwayele ukuqhamuka uma kunesiminyaminya futhi uma amarobhothi ebabomvu siyagxuma, ngoba isona isikhathi esifanele.

Isisulu, u-Eustania Nguruve wase-Harare owalahlekelwa iwigi yakhe ebiza u-R3,600 ($200) ekuqaleni kukaNhlolanja, uthe izingane zasemgwaqeni seziphenduke izigebengu.

“Iwigi yami ye-Brazilian ihlwithwe ngesikhathi ngiwela umgwaqo emasontweni amathathu edlule edolobheni. Manje ngiphila ngokwesaba mhlawumbe ngokuzayo bazoza bezolanda umakhalekhukhwini wami noma isikhwama sami.”

“Amawigi e-Brazilian ayabiza futhi ngizwe ukuthi bawadayisela ezindaweni zokucwala izinwele ngemali eshibhile.

Ngicabanga ukuthi labo abathenga amawigi kubo kufanele baboshwe.”

Esinye isisulu, u-Eline Chiperebuthe walahlekelwa iwigi ngoMasingana ngesikhathi eshayela edolobheni lase-Harare.

“Bashaqe iwigi yami ebiza kakhulu ngoMasingana.

“Bawadayisa ngemali eshibhile okungizwisa ubuhlungu uma ngicabanga.

“Bajwayele ukugxila kumawigi abizayo, afana nama-Brazilian, i-Peruvian, i-Mongolian kanye nama-Italian. Siyaludinga usizo emaphoyiseni, kodwa awenzi lutho ngalokhu.”

Isithombe esingenhla: Owesifazane ogqoke iwigi ye-Brazilian e-Harare

Umthombo wesithombe: Busisiwe Moyo

Izihloko zakamuva