Akuphelile ngoMourinho ebholeni

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Abalandeli abaningi bebhola bakholelwa ekutheni izinsuku ezinhle kakhulu zikaJose Mourinho sezidlulile kodwa iqembu laseYurophu eselihlungele imidlalo eminingi yamanqamu lisho okuhlukile.

Ngemuva kokushiya indima yakhe njengomqeqeshi we-Tottenham Hotspur kubonakala sengathi kuyisinyathelo esikhulu sokuthatha izintambo eqenjini lase-Italy, i-Rome nokuyinto eyenza abaningi bakholelwe ekutheni lo mqeqeshi wase-Portugal uyazi ukuthi isikhathi sakhe sesedlule.

Kodwa ukusebenza kwakhe e-Rome kuphinde kwakhombisa ikhono lakhe lokuphatha ngesikhathi ehola leli qembu elawina isicoco se-Uefa Conference League ngesizini edlule nokuthi manje alifake kowamanqamu we-Uefa Europa League.

Lo mqeqeshi (60) kungenzeka angawini izindebe ezinkulu njalo ezinyangeni ezimbalwa njengoba enza ngaphambilini kodwa akukhombisile kwi-Rome yilokho okumenza ekhetheke kangaka.

Ngemuva kokuhola i-Porto ngesikhathi iwina isicoco se-Champions League ngo-2004 uMourinho wathuthela kwi-Chelsea futhi wathi “ukhethekile”.

Uma kubhekwa umsebenzi wakhe wayengenaphutha – njengoba ephumelele kakhulu e-London ku-Milan naku-Madrid.

Kodwa okwenza uMourinho akhetheke kakhulu ukuthi wayengadingi okuningi ukuze aqinisekise impumelelo; ayekudinga nje abadlali ababezimisele ngokwanele ukuthi bawine.

Akazange afune mali, izihlabani noma udumo lokuqoqa izindebe ubedinga abadlali abalalelayo.

Ngezinye izikhathi uMourinho wayevame ukungaboni ngaso linye nabadlali “abasezingeni eliphezulu” nokuyinto eyaholela ekutheni axoshwe amahlandla ambalwa.

Kodwa kunento eyodwa abaqeqeshi abaningi abangayenza okuwukuholela amaqembu amancane enkazimulweni futhi uMourinho unguchwepheshe kulokho.

Wahola i-Porto esicocweni se-Champions League nokuyinhlonipho enkulu yeqembu lase-Portugal.

Waphinde wahola i-Inter Milan ngesikhathi iwina izicoco ezintathu ngo-2010.

Manje usehole i-Rome ezicocweni ezilandelanayo zaseYurophu ngemuva kweminyaka eminingana yokuwa phansi kwebhola lase-Italy.

I-Rome izobhekena neqembu lase-Spain, i-Sevilla kowamanqamu we-Europa League ngoLwesithathu ebusuku kanti ukuwina kuzoqinisa ifa likaMourinho njengomunye wabaqeqeshi abahamba phambili abake baba khona.

Esithombeni esingenhla: UJose Mourinho

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva