Akumele uMakhadzi axolise ngomzimba wakhe

Mmaditaba

Kuyihlazo elikhulu ukuthi uMakhadzi kumele axolise ngomzimba wakhe azalwe nawo. Akekho owesifazane okumele axolise ngomzimba wakhe, afihle umkhangu wakhe, imilenze yakhe, umbala wesikhumba sakhe kanye nanoma yini ngokusaba ukuthi uzogxekwa.

Angiphinde ngikusho lokhu, kuyihlazo ukuthi owesifazane kumele axolise ngokuba nomzimba adalwe nawo. Kuyacika kakhulu ukuthi abantu bamenza azizwe enamahloni ngomzimba wakhe.

Sesiphenduke saba yini?

Lo mculi osekhiphe izingoma eziningi, waqopha umlando waphinde wasenza sadansa ngenxa yobumnandi bezingoma zakhe, uthola ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwesithombe esithwebuliwe esiveza ibala elimnyama phakathi kwamathanga – kodwa lokhu sazi kahle ukuthi wonke umuntu wesifazane uyadlula kukho kuyimvelo.

UMakhadzi uthathwe isithombe ngesikhathi egqoke umfaniswano wakhe esiteji enandisa ecula izingoma zakhe. Umthwebuli wezithombe ushuthe izithombe eziningi, kodwa wathatha isinqumo sokukhipha izithombe lapho uMakhadzi bekuvela ibala elimnyama emathangeni.

“Ziningi izithombe abengazifaka, kodwa wakhetha ukukhipha lezi zithombe ukuze akhulise ibhizinisi lakhe wakhohlwa ukuthi lokhu kungafakela uMakhadzi ingcindezi enkulu,” lokhu kufakwe umculi osezingeni eliphezulu ezinkundleni zokuxhumana.

“Yebo mina ngingakwazi ukumelana nalokhu kodwa umndeni wami angeke ukwazi, ukubabona bekhala ngezithombe ezifakiwe kungiphula umoya futhi kuyangihlukumeza kakhulu,”  uphinde waqhubeka kodwa umoya wakhe ubuphukile wathi angeke alilahle ithemba.

Kulaba abangazi – umkhangu noma ibala elimnyama lijwayelekile futhi kudalwa ama-hormones, kuvela uma ngabe ube namaqhuqhuva noma lapho kushayisana khona inyama njalo njengasemathangeni.

Ngemuva kokuba abantu bamhlambalaze ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma konke abakuthandayo ngomzimba wakhe, uMakhadzi uxolisile ngendlela umzimba wakhe obukeka ngawo. Awekho amagama angashiwo ukukhombisa ukuphoxeka kwabesifazane baseNingizimu Afrika ababhekana nakho.

Lokhu kuyimbangela yokuthi abesifazane bangazizwa bephephile kulesi sizwe. Umuntu othandwa umhlaba wonke ngenxa yezingoma zakhe, kodwa lapho azalelwe khona bamgxeka engathi akasiye owakuleli lizwe nangendlela abantu abaphawule ngayo benze ngathi yonke imzimba ayinasici.

Ngingabala izizathu eziningi ukubonisa ukuthi lokhu kuyihlazo kangakanani, kodwa ngizogcina lapho ngithi Mzansi zibukeni ukuthi ninjani. Lokhu kuyihlazo kakhulu.

Izihloko zakamuva