Akumele iBafana Bafana ijabule ngokweqile

Yize behlule i-Morocco emdlalweni wabo wakamuva iBafana Bafana kanye nabalandeli bayo akumele bajabule ngokweqile, kubhala uMichael Madyira.

Okokuqala ngqa selokhu yanqoba phakathi kukaMandulo noLwezi ngo-2021 ukuthi iBafana Bafana inqobe kabili kulandelana kweyokuhlungela umqhudelwano omkhulu.

Ukunqoba kwangoMgqibelo odlule ngamagoli amabili kwelilodwa eqenjini lase-Afrika elihlezi esicongweni  i-Morocco kulandele ukunqoba kwabo kwangoNdasa ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni bedlala ne-Liberia.

Le imidlalo ekhuthazayo njengoba iBafana isike yabhekana nezimbangi ezinamandla ngaphansi kukaHugo Broos phambilini.

Ngenxa yalokhu kulandele ukugxekwa okuningi obekubhekiswe kumqeqeshi weqembu nabadlali bakhe abebekade bebhaxabulwa amanye amaqembu. 

Kodwa njengoba sekuvaliwe ukuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2023, umqeqeshi wase-Belgium usengakwazi ukulala ubuthongo njengamanje.

Uzibonge yena kanye nabafana bakhe ngokunqoba ikakhulukazi ukushaya abangene kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ka-2022 i-Morocco.

Kodwa lokhu kumele kungabajabulisi ngokweqile.

Kusemasinyane kakhulu ukuthi iBafana ingabungaza noma icabange ukuthi ingasibuyisela eqenjini lakudala elanqoba isicoco se-Afcon ngo-1996.

Basekude ukufika eqenjini leBafana elangena emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-1998 nango-2002 nelalisatshwa e-Afrika.

Benze umsebenzi omuhle ngokuhlula i-Liberia ne-Morocco  futhi bafanelwe ukunconywa, kodwa kumele baqaphele ngoba kusekuningi okuzayo.

UBroos nezinsizwa zakhe kusafanele basikhombise ukuthi imiphumela yakamuva ayitholakalanga ngenhlanhla.

Phakathi kukaMandulo noLwezi ngo-2021, iBafana yathela induku i-Ghana enkundleni yase-FNB yahlula ekhaya nasekuhambeni i-Ethiopia, ngaphambi koku i-Zimbabwe emdlalweni emine kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Abanye babenesiqiniseko ukuthi ompetha base-Afrika bango-1996 kungenzeka ukuthi sibabona kulabadlali.

Kodwa leli qembu laphoxa ngokuhlulwa emdlalweni omqoka wokuhlungela iNdebe yoMhlaba e-Ghana ekuhambeni, ngaphambi kokudlala ngokulingana ne-Guinea e-Belgium.

Lokhu kulandelwe ukushawa ngehlazo i-France ngamagoli amahlanu eqandeni e-Paris yase ihlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa ekuhambeni e-Morocco.

UBroos uvumile ukuthi le midlalo ilulaza iqembu lakhe wase eqoka ukudlala nezinye izimbangi okubalwa i-Sierra Leone, i-Botswana, i-Mozambique ne-Angola kweyobungani yamazwe ngamazwe.

Lokhu bekuwukugwema imiphumela ezokwehlisa isithunzi eqenjini lakhe.

Kodwa manje iBafana idinga izimbangi ezinamandla emidlalweni yobungani ngoMandulo, uMfumfu kanye noLwezi emidlalweni ye-Fifa yamazwe ngamazwe ukuze kubonakale ukuthi ukuhlula i-Morocco bekungelona iphutha.

Ngemuva kwale midlalo sizokwazi ukubona ukuthi ngabe sebenawo yini amandla okuxova izinkunzi kowamanqamu e-Afcon ngoMasingana.

Isithombe esingenhla: Abadlali basesiswini beBafana Bafana uBathusi Aubaas noMihlali Mayambela nomdlali wasesayidini we-Chelsea ne-Morocco uHakim Ziyech

Umthombo wesithombe: I-Royal Moroccan Football Federation. 

Izihloko zakamuva