Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Umqeqeshi wamaBhokobhoko uRassie Erasmus ubengenza izinguquko ezimbalwa eqenjini elihlule i-Ireland e-Loftus Versfeld ngoMgqibelo.
AmaBoks azophinde adlala ne-Ireland ngoMgqibelo ngomhlaka-13 kuNtulikazi, kulokhu eThekwini.
Into ecace kakhulu ukuthi yini okufanele yenziwe uRassie ngoHandré Pollard, ogeje amaphenalthi amathathu alula kodwa abalulekile elandelana ngoMgqibelo.
Yize bekungacatshangwa ukuthi angalahla uPollard kodwa bekukhona okuthokozisayo ukuthi aqale ngoSacha Feinberg-Mngomezulu ku-flyhalf no-Pollard ebhentshini.
Ukufaka uMngobezulu umzuzu noma emibili emdlalweni wangesonto eledlule akusizanga lutho, futhi ukumfaka emdlalweni ngokushesha kuyinto engathokozisayo ngokuzayo.
UMalcolm Marx udlale njengempumputhe ngemuva kokuzama kancane bebhekene ne-Wales, futhi bekungeke kumangaze ukumbona eku-run-on side.
UKwagga Smith akazange abe nosuku oluhle kakhulu ngoMgqibelo. Futhi noma nini lapho edlala ngendlela ephansi, umbuzo uyavela: ingabe mkhulu ngokwanele ukuba abe phambili ngokukhululekile, ikakhulukazi umuntu wesishiyagalombili? URassie ubonakala ecabanga kanjalo.
Impela isu elinabadlali abaqinile phambili belilungile kakhulu kanye nendlela iqembu elidlule ngayo kuma-Irish phambili ukuze lithole i-penalty try kuyakufakazela konke lokho. Akunambuzo lapho!
Ekugcineni, uRassie ube nokunethezeka kokuhamba neqembu elifanayo nangesonto eledlule, bonke abadlali bekulungele ukudlalo, okuyinto umqeqeshi we-Ireland, u-Andy Farrell, angenayo nakanjani.
Uma sekushiwo konke, uRassie usenqume ukuthi uhlangothi luhlale lufana kuyisinqumo esinzima kakhulu ukuphikisana naso.
Abaphambili: 1 Ox Nche , 2 uBongi Mbonambi, 3 uFrans Malherbe, 4 u-Eben Etzebeth, 5 uFranco Mostert, 6 uSiya Kolisi (c), 7 uPieter-Steph du Toit, bese kuthu u-8 kube uKwagga Smith.
Abasemuva: 9 uFaf de Klerk, 10 yHandré Pollard, 11 uKurt-Lee Arendse, 12 uDamian de Allende, 13 uJesse Kriel, 14 uCheslin Kolbe no-15 uWillie le Roux
Ebhentshini: 16 uMalcolm Marx, 17 uGerhard Steenekamp, 18 uVincent Koch, 19 uSalmaan Moerat, 20 uRG Snyman, 21 uMarco van Staden, 22 uGrant Williams no- 23 uSacha Feinberg-Mngomezulu
Isithombe esingenhla: AmaBhokobhoko edlala ne-Ireland.
Umthombo: Springboks/X