Akukho ukuphumula kowesibhakela 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Ngeke libe khona ikhefu likaKhisimusi ku-Ilunga “Junior” Makabu wase-Democratic Republic of Congo (DRC) njengoba elungiselela ukuvikela isicoco se-World Boxing Council (WBC) cruiserweight.

UMakabu uzovikela isicoco sakhe empini azobe ebhekene kuyo nomshayisibhakela wase-Armenian-Germany uNoel Gevor Mikaelyan ehlelelwe ukuba e-Casino Miami Jai Alai, eMelika ngoMgqibelo ngomhlaka-21 kuMasingana.

Lena kuzoba yimpi yompetha wesithathu oqeqeshwa nguDamian Durandt yokuvikela isicoco. Uhlule uThabiso “The Rock” Mchunu wakuleli ekuqaleni konyaka kanye no-Olanrewaju Durodola wase-Nigeria ozinze eMelika eminyakeni emibili edlule.

Kodwa-ke, ukuwina kwakhe ebhekene noMchunu kwasusa umsindo nokugxekwa ngabathandi besibhakela abebebona sengathi umshayisibhakela wakuleli urojiwe.

Ngalobo busuku amajaji amabili anikeza uMakabu u-115-113 no-116-112 ngemuva kwemizuliswano engu-12 kwathi elesithathu lanika uMchunu (33) u-115-113.

Lezi zikhulu ezintathu zazivela eMelika.

Okwenze kwaba nokungabaza okukhulu ukuthi uMchunu ubelwa egcekeni likaphromotha womshayisibhakela uDon King.

Ngaphambi kwempi lo phromotha ongundabamlonyeni nongumakadebona uye wangene eringini egqoke ijakhethi ye-denim enophawu lwezentengiso futhi ephephezelisa ifulegi laseMelika nelase-Democratic Republic of Congo. Ubengaphethe ifulegi lakuleli ukumela uMchunu.

UMakabu (35) oshaya kakhulu ngesandla sokunxele waba umpetha we-WBC ngemuva kokuhlula uMichal Cieslak wase-Poland edolobheni langakubo e-Kinshasa ngo-2000.

Phambilini uMakabu wahluleka ukuhlula uTony Bellew waseNgilandi kubangwa isicoco esifanayo njengoba akhishwa kabuhlungu emzuliswaneni wesithupha eNgilandi ngo-2016.

UMikaelyan (32) wazalelwa e-Armenia kodwa manje uzinze e-Hamburg, eJalimane. Empini yakhe yokugcina uhlule uYouri Kayembre Kalenga wase-Congo ozinze e-France ngoNhlolanja kulo nyaka ehlungela ilungelo lokuphonsela inselelo isicoco esibhekwe ngabomvu emhlabeni.

Esithombeni esingenhla: Umpetha we-WBC u-Ilunga Makabu nophromotha uDon King

Umthombo wesithombe: Boxing News 24/7

Izihloko zakamuva