Akukho okutheni uMasemola azokwenza ekulweni nenkohlakalo

Zukile Majova

Ayikho into entsha uKhomishana wamaPhoyisa uFannie Masemola angayenza ukulwa nenkohlakalo ezinkampanini zikahulumeni.

Lowo ngumsebenzi ongeke wafezwa ngaphandle kwentando yepolitiki evela kwi-ANC  enamalungu ayo – komasipala basekhaya, ohulumeni bezifundazwe kanye nohulumeni kazwelonke – abazenzela umathanda kumbuso ngaphandle kokujeziswa.

Isibonelo ngobenguNgqongqoshe wezeMpilo uZweli Mkhize owathinteka ehlazweni lethenda yezokuxhumana ka-R150 million, ongakaze aboshwe futhi manje usekhankasela ukuba nguMengameli wezwe olandelayo.

Omunye osolwa ngokukhwabanisa u-Ace Magashule uNobhala-jikelele osamisiwe we-ANC, usaqhubeka nokuba nezifiso zesikhundla esiphezulu nakuba ethinteka kwithenda ka-R255 million ye-asbestos.

Omunye oyisikhulu se-ANC ogaqele isikhundla esiphezulu nguBandile Masuku, owayenguNgqongqoshe wezeMpilo eGoli, umndeni wakhe nomndeni weSilo esakhothama samaBhaca bazisiza ngezinkontileka ze-PPE zemali engu-R125 million.

Manje usecabanga ukuthi kufanele abe ngusihlalo olandelayo we-ANC eGoli aphinde abe nguNdunankulu wesifundazwe.

Lapha e-Eastern Cape, ababili abagaqele isikhundla sikaSihlalo we-ANC esifundazweni – uLubabalo Madikizela kanye no-Oscar Mabuyane – basolwa ngokuhlomula ngo-R1.1 million obekumele kungcwatshwe ngawo uMama uWinnie Madikizela-Mandela.

Likhona ithemba nokho njengoba uMengameli uCyril Ramaphosa efaka izinhlelo zokuqeda amazambane abolile kwi-ANC.

Izolo ngesikhathi ethula inkulumo yakhe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC eMpumalanga uphikisane nokukhethwa kwabasolwa ngokukhwabanisa nenkohlakalo.

“Kumele nicabange ngokukhethwa komuntu obekwe icala. Ngicela nilucabangisise kahle lolu daba ngoba nidinga ukulilungisa lolu daba. Ikomidi eliphezulu likazwelonke nalo lidinga ukulungisa lolu daba. Ukuvuselela kuyinqubo.”

UKhomishana uMasomola ngeke aliqede ihlandla lakhe uma eqala ukujaha nokubopha izikhulu eziphezulu njengoMengameli we-ANC Women’s League uBathabile Dlamini noma owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Okufanele kumkhathaze ngempela ukukhula koqhekeko phakathi kwezakhamizi nomthetho.

Ngishaqekile ngesikhathi ngifunda ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uSibongile Mani, umfundi wase-Walter Sisulu University oweba u-R818 000 wemali yabakhokhi bentela akumele agwetshwe.

Kuyakhula ukudelelwa komthetho kuleli njengoba lokho kuyinto eyenza ukuthi abantu abaningi bagqekeze baphinde bashise izinxanxathela zezitolo eKZN naseGoli, kanti lokho kubize umnotho imali engaphezu kuka-R50 billion.

Imiphakathi ifihlela amaphoyisa ababulali abaningi, abadlwenguli nabaduni bezimoto ngoba ayiwathembi amaphoyisa futhi ihlezi iwasola ngokusebenzisana namaqembu ezigebengu.

UKhomishana uMasemola udinga ukwakha ubudlelwano obusha phakathi kwamaphoyisa nomphakathi.

Yileyo kuphela indlela angenza ngayo umehluko ekulweni nobugebengu eNingizimu Afrika.

Scrolla World Cup Quiz