Zukile Majova
Zonke izinkomba zikhombisa ukuthi uNobhala-Jikelele we-ANC u-Ace Magashule akukho okunye azokwenza ngaphandle kokuthi ahoxe esikhundleni uma kuphela izinsuku zomusa ezingama-30 mhla zi-1 kuNhlaba.
Kuze kube manje, uMagashule ubecabanga ukuthi angathembela ekwesekweni ngamalungu eKomidi Eliphezulu Lesizwe le-ANC kanye nonobhala bezifundazwe.
Kodwa ezinyangeni ezedlule, izifundazwe ezinamandla njengeMpumalanga yeKapa, i-Gauteng, iMpumalanga kanye naKwaZulu-Natali muva nje zisekele umbono kaMengameli Cyril Ramaphosa wokulwa nenkohlakalo.
URamaphosa uhola imizamo yokuphoqa abaholi be-ANC, ababekwe amacala ngamaphoyisa ukuthi bevikele ubuqotho beqembu ngokuba behoxe ezikhundleni zabo kuze kube ayasulwa amacala abo.
UMagashule uthinteka ecaleni lethenda le-asbesto lemali yezigidi ezingama-R250 esuka e-Free State, elaqala ngesikhathi esenguNdunankulu.
E-North West, izinto zibe nzima kakhulu kumngani kaMagashule onguzakwabo wezepolitiki uSupra Mahumapelo, ubulungu bakhe be-ANC obumisiwe yiKomidi Lesikhashana Lesifundazwe Lase-North West. UMahumapelo usolwe ngokuqhuba umhlangano owawenzelwe ukuhlwanyela uqhekeko kulesiya sifundazwe.
UMagashule noMahumapelo bangabalandeli abaphambili balowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma futhi bephethe izibani zomkhankaso ongapheli wokucekela phansi uRamaphosa.
Khonamanjalo, ngesikhathi kunezinxushunxushu ekusungulweni lo mthetho we-ANC wokuhoxa eceleni, iKomidi eliqondisa izigwegwe le-ANC e-Gauteng (i-PDC) lithole okhulumela umengameli uKhusela Diko osamisiwe, enecala lokuletha iqembu ehlazweni.
IKomidi liphakamise ukuthi uDiko kumele ahoxe esikhundleni sokuba yilungu leKomidi eliPhethe lesiFundazwe le-ANC, futhi ashiye emsebenzini wakhe njengomkhulumeli kaRamaphosa.
UDiko nomyeni wakhe ongasekho, iNkosi yaMaBhaca Madzikane II Thandisizwe Diko, bathinteka esigamekweni sokukhishwa kwethenda lezigidi ezi-R125 ngenkampani yabo, i-Royal Bhaca Projects.
Kodwa uDiko akayizwa kahle leyo futhi uyalele i-Avela Nontso Attorneys ukuthi ifune ukubuyekezwa kwesinqumo se-PDC yiKomidi Lokuqondiswa Kwezigwegwe Likazwelonke.
Esitatimendeni, abammeli bakaDiko bathi asikho isenzo asenzile esingekho emthethweni, futhi bathi uyisisulu “sokuzingelwa kwezepolitiki ngezinsolo zabezindaba ezingenabufakazi”.