Akukho engizokugubha kusho isishoshovu se-ANC

Njengoba i-ANC igubha iminyaka eyikhulu nesishiyagalolunye yasungulwa, isishoshovu senhlangano yaKwaZulu-Natali esineminyaka engama-70 ubudala sithi akukho esizokugubha endlini yaso yodaka edilikayo.

UMtshingeni Makhoba, waseNdwedwe enyakatho yeTheku, ukhwele wadilika eqenjini elibusayo, wathi lehlulekile ukufeza izethembiso zalo.

“Angifuni mali kuhulumeni we-ANC, kodwa ngifuna izinto eziyisisekelo abanye abantu abanazo. Ngifuna indlu namanzi. Ngaphandle kwalezi zinto, akukho okungangijabulisa. Bengabungaza bodwa”

UMakhoba uthe, wavika izinhlamvu ngesikhathi kuqubuka udlame lwezepolitiki phakathi kwe-IFP ne-ANC KwaZulu-Natali ngasekupheleni kweminyaka yama-80s.

“Sabeka izimpilo zethu engcupheni ngenxa yalo mbuso wentando yeningi, kodwa iqembu lethu lisikhafulela ebusweni. Akekho onendaba nathi. Bakhathalela ukuzicebisa bona nemindeni yabo kuphela.”

ENdwedwe, lapho uNdunankulu waKwaZulu-Natali uSihle Zikalala edabuka khona, kwake kwaba yisizinda sodlame lwezepolitiki ngaphambi kwentando yeningi.

UMakhoba ohlala yedwa uthe, wayecabanga ukuthi impilo yakhe izoshintsha ekuqaleni kwentando yeningi ka-1994.

“Ngangingazi ukuthi eminyakeni engama-26 ngemuva kwentando yeningi, ngiyohlala endlini edilikayo futhi ngihlale ngilala ngingenalutho esiswini. Angisoze ngayixolela i-ANC ngalokhu ekwenze kimi.”

Uthe, ubengeke akwazi ukuzakhela owakhe umuzi ngemali yesibonelelo sabadala.

Ngesikhathi iqembu lizilungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya kulo nyaka uMakhoba uthe, ukwesekwa kwe-ANC kuzoqhubeka kunciphe.

Uchaze i-ANC iqembu abekade elithanda, “njengeqembu lamasela.”

Umakhelwane kaMakhoba, uThemba Khumalo uthe, le nkinga abhekene nayo kungenxa kahulumeni we-ANC.

“Sonke lapha siykwazi ukuzidela akwenza ngesikhathi somzabalazo. Ukumbona enje kubuhlungu.”

Okhulumela i-ANC esifundazweni uNhlakanipho Ntombela uthe, “Akukho lutho olushoyo ukuthi ngoba walwa emzabalazweni, kumele ubekwe phambili.”

Izihloko zakamuva