Lubhalwe nguRazeen Gutta
● Umgadli weBafana Bafana, uLebo Mothiba, kubikwa ukuthi uyahlolwa e-Wydad Casablanca ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena, osekunesikhathi encoma lo mdlali.
● Uhlabe umxhwele ngesikhathi kuqeqeshwa kodwa ikusasa likaMothiba ku-Wydad alikacaci, kanti abezindaba base-France bamxhumanisa neqembu elidonsa kanzima ku-Ligue 1, i-Montpellier.
Umgadli weBafana Bafana uLebo Mothiba ubonakale muva nje e-Morocco njengoba imibiko ithi uyahlolwa e-Wydad Casablanca.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ushiye i-Strasbourg ngemuva konyaka odlule esehlale iminyaka eyisithupha kuleli qembu kanti manje kuthiwa usezilolonga ngaphansi kowayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena.
UMokwena uyinhloko yabaqeqeshi ku-Wydad kanti ngokwemithombo, umkhonzile uMothiba.
“URulani ungumlandeli kaMothiba waze wazama ukumsayinisa ngaphambi kokuthi ashiye iSundowns. Uma ekwazile ukuncenga abaphathi bakhe e-Wydad ukuthi bamsayine, uzoqeda isikhathi eside elinde iqembu elisha,” kusho imithombo ye-The Citizen.
Yize kunamahlebezi okuhlolwa kwakhe, asikho isiqiniseko sokuthi zikhona izinkontileka ezikhona okwamanje, kunezela umthombo: “Kusobala ukuthi uLebo uhlabe umxhwele ku-Wydad kodwa akucaci noma uzonikwa inkontileka noma cha. Khumbula ukuthi uBongani Zungu uke waqeqeshwa ne-Wydad kodwa akazange ayithole inkontileka.”
Ngaphandle kwemibiko yokuhlolwa komdlali, abezindaba base-France baphinde bamatanisa lo mdlali nokuya ku-Ligue 1.
I-Montpellier edonsa kanzima ikwazile ukushaya amagoli angu-15 kuphela emidlalweni engu-16 yeligi kanti i-L’Equipe ikhulume ngalo mgadli kanye nomdlali wakudala we-Inter Milan uKeita Balde njengabangase basayine.
Osesithombeni esingenhla: ULebo Mothiba.
Umthombo: @footballstage_1