Akudikizi nqulu kohlulwe okhethweni lweSAFA

Dylan Bettencourt

URia Ledwaba usefunge wagomela ukuthi uzoqhubeka nokulwa noMengameli we-South African Football Association (Safa) uDanny Jordaan, ngemuva kokuthi ethi “akazange ahlulwe” okhethweni obelungoMgqibelo.

UJordaan uphinde waqokwa njengoMengameli we-Safa ihlandla lesithathu e-Sandton Convention Centre.

Nakuba uJordaan ethe leli kuzoba yihlandla lakhe lokugcina njengoMengameli wesigungu sebhola kuleli, uLedwaba uthe akaphelile amandla, usazolwa.

“Bengazi ukuthi izinto azingihambeli kahle, kodwa ngicabanga ukuthi ngilwe ngendlela efanele. Angiyi ndawo futhi ngisazolwa uJordaan aze aphuma ebholeni,” kusho uLedwaba ngemuva kokhetho.

UJordaan uthole amavoti amaningi angu-186  uLedwaba wathola angu-27.

“Ngisakholelwa ekutheni i-Safa kumele ishintshe, nami ngiyakholwa ukuthi angihlulwanga, empeleni ibhola lilahlekelwe umuntu obalulekile. Selokhu ngaba khona futhi bengingekho kwi-Safa kunoma yiziphi izikhundla, bengikwi-Safa ngoba ngisebenza,” kwengeza uLedwaba.

“Ibhola lilahlekelwe umuntu obezoletha uguquko esiludingayo kuleli. Sidinga ushintsho olukhulu ebholeni lethu.”

ULedwaba akaselona iphini likaMengameli we-Safa, kusho isikhulu esiphezulu sebhodi esilawulayo uTebogo Motlhante, ngokusho kwe-TimesLive.

“URia akaselona ilungu lesigungu esilawulayo kuzwelonke – ungenele esobuMengameli kuphela, akazange afaneleke ukungenela isigungu esiphezulu kuzwelonke (NEC),” kuchaza uMotlanthe.

ULedwaba wengeze ngokuthi ubona sengathi uJordaan akasizi ngalutho ebholeni lakuleli.

“Angicabangi ukuthi uJordaan ukulungele ukuhola ibhola lethu. Ngikholwa ukuthi uyidlalile indima yakhe kuyo yonke le minyaka ayibambe ebholeni futhi ngicabanga ukuthi asikwazi ukuba nesimo lapho okuphatha khona umuntu oyedwa isikhathi eside.

“Ngiyavumelana nombono othi ibhola lidinga abantu abasha, amaqhawe kumele abe yingxenye yebhola,” kusho uLedwaba.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva