Akhuphuka mihla namalanga amacala okudlwengulwa kwabesifazane eNingizimu Afrika

Kamogelo Muvhenzhe

“Kuyichilo futhi kuyakhathaza kakhulu ukuthi cishe abantu abayizinkulungwane eziyishumi bahlukunyezwe ngokocansi ezinyangeni ezintathu nje kuphela eNingizimu Afrika.”

Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnumzane uBheki Cele ngesikhathi ekhipha izibalo zakamuva zobugebengu ngoLwesihlanu.

Esikhathini esiyizinyanga ezintathu phakathi kukaNtulikazi noMandulo bayi-9,556 abantu abadlwenguliwe, okunyuke ngephesenti eliyi-7.1 uma kuqhathaniswa nesikhathi sokubika sangaphambilini.

UCele uthe iningi labantu abadlwenguliwe ngabesifazane. Izibalo zikhombisa ukuthi bavamise ukwedlungulwa ngabantu ababaziyo nababethembayo emakhaya abo.

Utshwala nezidakamizwa bekuthinteka emacaleni ayi-1,383 okudlwengula.

Ezinyangeni ezintathu kubikwe ukuthi bayi-6,163 abantu ababulewe eNingizimu Afrika, kanti lokhu kunyuse isibalo ngamaphesenti angama-20.7.

UCele uthe imibhikisho eyenzeka ngoNtulikazi eyathinta iKwaZulu-Natali ne-Gauteng ibe nesandla ekwandeni kwezigameko zokubulawa kwabantu. Imibhikisho yangoNtulikazi idlule nemiphefumulo yabantu abangama-342 e-Gauteng naKwaZulu-Natali.

Ayi-2 000 amacala okuthumba abikiwe phakathi kukaNtulikazi noMandulo kanti iningi awokuthumba ahlobene nokudunwa kwezimoto.

Emacaleni angama-620, angama-52 amacala okuthumba ahlobene nokufunwa kwemali futhi amaningi enzeke e-Gauteng.

Izihloko zakamuva