Akhululiwe amadoda amabili ase-Zimbabwe aboshwa ngokungafanele

Joseph Chirume

Ukuvalelwa ejele lase-Zimbabwe, ngokusho kwabanye, kuyinto embi kakhulu kunokufa.

Iziboshwa zepolitiki, uLast Maengehama noTungamirai Madzokere, bachitha iminyaka eyisishiyagalombili yesigwebo seminyaka engama-20 bebhadle ejele bephila ngaphansi kwezimo “ezingezona ezinobuntu”.

Baqanjelwa amanga babekwa amacala okubulala iphoyisa lombuso, uMnuz Petros Mutedza e-Harare ngowezi-2011, bagqunywa ejele elaziwa kabi i-Chikurubi Maximum Prison ngaphandle kwase-Harare.

INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala ikubeke eceleni ukuboshwa kwabo nokugwetshwa kwabo ngeledlule.

UMadzokere uthe ephuma nje wathola ukuthi unkosikazi wakhe owayengenalo ithemba, umshiyile wahamba nezingane zabo ezimbili.

“Ngajabula kakhulu ngesikhathi igama lami libizwa ngabaphathi bejele kodwa leyo njabulo yaba eyesikhashana,” kusho yena.

“Unkosikazi wami upakishe izimpahla zakhe wahamba nendodana yami kanye nendodakazi yami.”

Uthe ezitokisini zasejele bebegcwele kabi kabi.

“Kuneziboshwa ezibalelwa kuma-45 esitokisini esihloselwe ukufaka iziboshwa eziyi-18. Ukudla akuphekiwe kahle futhi kunenkinga enkulu yokushoda kwamanzi nezimpahla ezifudumele ebusika,” kusho uMadzokere.

UMaengehama uthe impilo ejele ayiyinhle.

“Ukudla okuncane esikunikezwayo akulungele ukudliwa ngabantu. Iningi lisinda ngokudla okulethwe ngaphandle imindeni nabangani.”

“Kwakuyithemba nokholo okwangisekela ejele. Ngagcwala injabulo ngesikhathi kubizwa igama lami,” kuqhuba yena.

“Unkosikazi wami ubeyinsika yami yamandla. Ngosizo lomndeni nabangani ukhulise izingane zami eziyisithupha.”

UMadzokere, owayeyikhansela lase-Harare City ngesikhathi eboshwa, uthe wayengakaze asondele ngisho nasendaweni lapho leli phoyisa labulawa khona. UMaengehama yena uthi wayesenkonzweni yesonto kwenye ingxenye yedolobha.

Womabili la madoda abefunda ngaphakathi ngesikhathi eboshiwe. UMaengahama wenza i-semester yakhe yokugcina yeziqu ze-Theology, kanti uMadzokere uqedelela i-BSC Honours Degree in Development Studies.

Uthe wayeyilungu lesigungu sikazwelonke seqembu le-MDC futhi engusomabhizinisi ngaphambi kokuba aboshwe.

“Ngizozama ukuvuselela ibhizinisi ngiqale iphrojekthi entsha uma ngingathola imali.”

UMadzokere uthe uhlela ukungenela ekukhiqizeni amakhemikhali. Uhlela nokumangalela umbuso ngobuhlungu obudalwe ngokuboshwa okungafanele.

Izihloko zakamuva