Akhishwa ubuthaphuthaphu amaqembu ayizintandokazi kowe-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Africa Cup of Nations (Afcon) yalo nyaka ibonakala inzima kubadlali bamaqembu ahamba phambili e-Afrika.

I-Ghana ne-Algeria iqeda kukhishwa kulandela ukungenzi kahle esigabeni samaqoqo.

Babuyela emuva ekhaya ngemuva kokufika e-Ivory Coast neqembu eligcwele izihlabani futhi ebelithathwa njengezintandokazi zomqhudelwano.

I-Black Stars ixoshe umqeqeshi uChris Hughton ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu ku-Group B ngamaphuzu amabili kuphela emidlalweni emithathu.

“Uxoshiwe emsebenzini wakhe njengomqeqeshi weqembu lesizwe eliphezulu,” kumemezela i-Ghana Football Association.

Njengoba bake bakhishwa esigabeni samaqoqo ngo-2021, i-Ghana kungenzeka ukuthi idlula esikhathini esimnyama emlandweni wayo webhola.

Manje bafuna umqeqeshi wesihlanu eminyakeni emithathu, okuyinkomba yezinkinga ezijulile ebholeni lezwe.

I-Algeria nayo isiwuqedile umkhankaso wayo we-Afcon esigabeni samaqoqo, njengoba kwenzeka ngo-2021 ngesikhathi ifika e-Cameroon ingompetha abavikelayo.

Ikusasa lomqeqeshi uDjamel Belmadi alikaziwa ngemuva kokuthi ezakhe zibambe iqhaza ku-Group D ngamaphuzu amabili kuphela.

Yize i-Ghana ne-Algeria besematheni ngokuphuma kowe-Afcon, umqhudelwano ubunzima kuwona wonke amaqembu okubalwa izikhondlakhondla ezifana nompetha abaqopha umlando i-Egypt, i-Nigeria ne-Cameroon okudingeke ukuthi zilwe kanzima ukuze zingene ngembobo yenaliti ku-Round 16.

Umqeqeshi we-Gambia uTom Saintfiet wesulile esikhundleni sakhe ngemuva kokuthi iqembu liqede lihlezi emsileni ku-Group C.

Njengamanje i-Ivory Coast engosokhaya imincile ayazi ukuthi izophelelaphi njengoba inethemba yokudlulela esigabeni somkhumulajezi ngokuba yiqembu eliphume isithathu emaqenjini enze kahle.

Esithombeni esingenhla: Owayengumqeqeshi wase-Ghana uChris Hughton.

Umthombo wesithombe: Ghana Football Association

Izihloko zakamuva