Akhihla esikaNandi amayengandoda ase-Russia amakhasimende eyiswa empini

Imboni yezocansi ivame ukuchazwa njengomnotho “ongenazimpi,” kodwa ngisho namayengandoda ase-Russia ezwa umthelela wempi  kaVladimir Putin e-Ukraine.

Selokhu i-Russia yahlasela umakhelwane wayo ngoNhlolanja nyakenye, kuye kwafaneleka ukuthi amayengandoda ase-Russia abhekane nezimo ezinzima njengoba amakhasimende awo ebaleka kuleliyazwe noma ethunyelwa empini.

Umgqugquzeli womahosha u-IIya Luke Lukichev, utshele isikhungo sase-Russia sase-Theins.ru mayelana noshintsho ekuziphatheni kwabantu.

“Ngingasho ngokuqinisekile ukuthi nyakenye babebaningi abantu kule mboni,” kusho uLukichev.

NgokukaTaisiya Blanch ongumsunguli wenhlangano ezinze e-Moscow i-Kinky Party, uthe ekuqaleni kwempi babembalwa  ababezimisele ukubamba iqhaza.

“Umphakathi ububhekene namazinga okuxineka okukhulu futhi izinzwa bezincipha, ngemuva kwalokho isidingo sancipha kungazelelwe,” kusho uBlanch.

Owesifazane ogama lakhe nguKristina, obambe iqhaza ekunikezeni usizo lwamalungelo abantu abathengisa ngomzimba, uthi sekuphinde kwahlolwa izindinganiso.

“Kwaba nokudlondlobala kwemishado mbumbulu,” esho.

NgoMandulo, umkhankaso  kaPutin wokuqoqa amasosha amaningi waqala futhi imali etholwa ezweni lonke yehla ngo-30-50%, ngokusho kwephephabhuku eliku-inthanethi i-Sekret Firmy.

Amayengandoda kuleliyazwe athinteka kakhulu njengoba amakhasimende awo amakhulu kwakungabantu base-Russia abaphakathi, abaningi babo ababalekela izwe ngesikhathi impi iqala nangesikhathi uPutin ethula umkhankaso wokuqoqa abantu.

NgoLwezi, amaphoyisa ase-Russia abe eseqala ukuhlasela kanzima amayengandoda, futhi ayeqondise ikakhulukazi ezindaweni zamayengandoda kanye nasemantombazaneni asebenzisa i-webcam e-Moscow.

Impi yaphinde yadala uqhekeko phakathi kwezigaba zezombangazwe. Abaningi bawile ngenxa yokuhlukana kwabo ngemibono mayelana nokuhlasela kukaPutin.

“Amanye amantombazane aze alahlekelwa amakhasimende ajwayelekile ngenxa yokuthi abengaboni ngaso linye,” kusho uKristina.

Wengeze ngokuthi njengengxenye yomkhankaso wokukhangisa ekuqaleni kwempi, enye indawo yagqokisa abasebenzi bayo amahembe ahlotshiswe ngemibala yase-Ukraine ukuze amakhasimende wabo “abanake.”

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Izihloko zakamuva