Akhihla eseNdlovukazi uNandi amakhosi ngokwebiwa kwemfuyo edayiswa kuma Shayina

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amakhosi akhihla eseNdlovukazi uNandi wakwaMhlongo ngenxa yamasela ezinkomo amanye angamaphoyisa athatha imfuyo ayoyidayisa emabhusha abokufika kuleli.

Lokhu kulandela ukuthi sekube nezigameko ezahlukene eThekwini, kwaDukuza naseMondlo lapho bekubanjwa khona kulezi nsuku izinkomo ezihlinziwe kwezinye izindawo nabasolwa.

INkosi uMfanuvele Buthelezi yasebaQulusini itshele iScrolla.Africa ukuthi lobu busela sebudala ngisho izimpi zezigodi kanti nesikebhe  sibulala abantu bese siboshwa ngoba naso silwa nokwebiwa kwemfuyo.

“Muva nje kubanjwe amasela emondlo nezinkomo ezihlinziwe ezidayiswa kumaChina eVryheid edolobheni. Lento isidale izimpi zezigodi futhi iyawulimaza umphakathi.  Siyafisa uHulumeni ayibuke ngelibanzi le nkinga yamabhusha amaChina adayiselwa inyama yezinkomo zethu,” kusho uButhelezi. 

Ibamba bukhosi kwaPhindangene iNkosi uMpikayise Buthelezi ithe bayabhubha ubusela bemfuyo.

“Waze wayithinta indaba enkulu. Mina sengiyafisa uHulumeni asilungisele lento yokugxivizwa kwezinkomo. Ziyaphela izinkomo zabantu futhi kuyadinga uHulumeni ayilungise ngoba asikwazi ukuthi abantu balimale kanje ngoba umnotho wethu njengendlu emnyama,” kuchaza Ibamba bukhosi.

NgoMsombuluko amaphoyisa abike ukuthi kuboshwe abasolwa abane eMondlo ababanjwe nenyama yezinkomo zokwebiwa ezine.

Abanye babanjwe ePinetown eThekwini nenyama yezinkomo zokwebiwa namakhanda abengahlinziwe.

KwaDukuza amaphoyisa abophe amaphoyisa angoConstable nezinkomo zokwebiwa.

Izihloko zakamuva