Akekho umholi wangempela wobukhosi base-Vhavenda

Elmon Tshikhudo

Ibamba leNkosi yase-Vhavenda uToni Mphephu uthweswe icala iNkantolo yoMthethosisekelo.

NgoMsombuluko ekuseni, iJaji uSisi Khampepe, esekelwe ngazwilinye amanye amajaji ayisikhombisa, usichithile isicelo sikaMphephu sokuhoxisa isinqumo sangaphambilini seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala.

UMphephu uphinde waphucwa amandla abewajabulela ngesikhathi umbango wobukhosi base-Vhavenda phakathi kwakhe nomshana wakhe, uMasindi Mphephu, usezandleni zenkantolo.

Lesi sinqumo sisho ukuthi isizwe sase-Vhavenda asinaNkosi kuze kube isikhathi lapho ubukhosi bakwaMphephu bukhetha indlalifa efanele.

Njengoba ingasekho iNkosi, abaningi banomuzwa wokuthi inkundla yokudlala impi yobukhosi isivuliwe.

Abalwela isihlalo sobukhosi nguMasindi Mphephu, uToni Mphephu kanye nehhashi elimnyama uThomas Ramabulana Neluvhola, osanda kugqama njengembangi.

UThomas ungusomabhizinisi owaziwayo wase-Limpopo futhi uyindodana kamufi uFreddy Nkhanedzeni Ramabulana owashona ngaphambi kokuthi athathe isihlalo sobukhosi.

Abaningi bakholwa ukuthi usifanele lesi sikhundla njengoba kunguyena ophethe amathuluzi abalulekile emicimbi yasebukhosini.

Kwividiyo endala uMakhadzi Phophi Mphephu osenezwi lokugcina ezindabeni zobukhosi uthe owesifazane akasoze abe iNkosi yesizwe sase-Vhavenda.

UMphephu ungene esihlalweni sobukhosi ngemuva kokuthi umfowabo omdala iNduna uTshimangadzo Mphephu ubaba kaMasindi owashona engozini yemotoesule esihlalweni ngowe-1994 kamuva.

UNtsieni Ramabulana uthe basitholile isinqumo senkantolo egameni likaMnu uToni Mphephu wathi basafunda amaphepha futhi bazophendula ngokuhamba kwesikhathi.

UMnu uLufuno Mphephu, okhulumela uMasindi, uthe iNkosazana ithembele ezinkantolo selokhu kwaqala leli cala.

“Inkantolo imchithile uMasindi. Esikulindile manje ukuthi umndeni uluhlele ngokusemthethweni udaba lobukhosi ngaphandle kokudonselana ezinkantolo,” esho.

Izihloko zakamuva