Lungani Zungu
Izwe nomhlaba wonke ubukele ngoLwesithathu njengoba uJacob Zuma, owake waba yindoda enamandla kakhulu eNingizimu Afrika owahola izwe iminyaka eyisishiyagalolunye kanye ne-ANC, iminyaka eyishumi, eya ejele.
UZuma ugcine ezinikele ngaphansi kwingcindezi yezomthetho wabe esezinikela ngokusemthethweni emnyangweni wezokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt ukuze aqale isigwebo sakhe sezinyanga eziyi-15 ejele – kodwa akazange alwe.
Ungene kwezokuhlunyeleliswa kwezimilo ngaphezulu nje kwemizuzu engama-40 ngaphambi komnqamulajuqu phakathi kwamabili.
Umngani wakhe uNkosentsha Shezi ungene ezinkundleni zokuxhumana wabelana ngezikhathi zokugcina noZuma ngaphambi kokuya ejele.
“Angikaze ngibone indoda enesibindi, enamandla amakhulu futhi eqine ngale ndlela. Ngikhale izinyembezi uvele wahleka wasiduduza.”
UZuma uzinikele ngesikhathi esinye isicelo sokugwema ukuboshwa ngoLwesithathu singaphumeleli.
Lokhu kungemuva kokuba ummeli wakhe uMngeni Ntanga ebhalele iJaji eliyiNhloko elibambile, uRaymond Zondo, ecela ukunikwa isikhathi esithe xaxa ngaphambi kokuba aboshwe ngoLwesithathu.
Unxuse uZondo ukuthi abambezele ukuboshwa kwakhe kuze kube uLwesihlanu noma uMsombuluko.
Abalandeli bakaZuma bebengekho eduze komuzi wakhe oseNkandla, lapho bebethutheleke khona ngobuningi babo ngeSonto ngesikhathi kusele isikhathi esincane ukuba aboshwe.
Idlanzana labantu libonakale ngaphandle kwesango lomuzi wakhe oseNkandla, kanti abanye abambalwa bebemi ngaphandle kwejele lase-Westville eThekwini, ebangeni elingamakhilomitha angama-230 ukusuka ekhaya lakhe.
UZuma, oxabene nabezobulungiswa, ugwetshwe yiNkantolo yoMthethosisekelo izinyanga eziyi-15 ebhadla ejele ngecala lokuphambana nomyalelo wenkantolo owawumyalela ukuba aye kwikhomishini yophenyo lokulawulwa kombuso.
INkantolo yoMthethosisekelo iyalele uZuma ukuthi azinikele emaphoyiseni ngeSonto.
Inkantolo ephakeme iphinde yayalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana kazwelonke wamaphoyisa uKhehla Sitole ukuthi babophe uZuma zingakapheli izinsuku ezintathu ngemuva kweSonto uma engazinikeli.
Nabo, bebezobekwa icala lokweyisa inkantolo ukube babengeke bambophe uZuma ngoLwesithathu.