Akekho ozwelana neciko elisolwa ngenkohlakalo

Lubhalwe nguMenzi Magubane

Ukhale izinyembezi owayengumculi odumile u-Arthur Mafokate ngesikhathi ephika izinsolo zokuthi wahlomula ngokungemthetho imali engu-R56.3 million we-National Lottery Commission, obekwimali yezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.

Esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu uvele wakhihla isililo ngesikhathi ezama ukuchaza uhlangothi lwakhe ngalezi zinsolo ezibucayi.

Isiqeshana sevidiyo sengxoxo sisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kodwa abantu abazange bamdabukele futhi lokhu bakubona njengokuzenzisa.

“U-#ArthurMafokate ufuna ukudlala ngemizwa yethu elokhu ezikhalisa okumele akwenze nje ukuthola ummeli ayeke ukusicasula,” kusho u-@NalaThokozane ku-Twitter.

Abanye babize uMofokate ngomlingisi. “Wasuka ekubeni ngumculi manje usezosivezela ikhono lokulingisa. Ngicabanga ukuthi udinga ukufunda kabanzi ngokulingisa ngoba lokhu akwenze kusofa ezama ukuzikhalisa akumsebenzelanga,” kusho u-@owen_ngcobo2 ku-Twitter.

Abanye bathi uMofokate bekungafanele enze ingxoxo.

“U-Arthur Mafokate bekungamele ayenze ingxoxo nabezindaba. Manje sesiyazi ukuthi wayintshontsha le mali,” kusho u-@t_dzyl ku-Twitter.

UMafokate ungomunye wosaziwayo   abathintekayo ophenyweni oluqhubekayo lwe-Special Investigating Unit (SIU). UMafokate (51) ngempelasonto uthe uyisakhamuzi esithobela umthetho futhi uzovumela i-SIU yenze umsebenzi wayo.

Imibiko yangesonto eledlule iveze ukuthi uphiko lwe-National Prosecuting Authority kanye ne-SIU bathole incwadi egunyaza ukuthi kumiswe imingcele yezakhiwo ezinhlanu ezibiza izigidi zamarandi.

Baphinde bathola ukuthi wathenga izindawo zikanokusho ezise-Midrand, ePitoli, e-Rustenburg naseKapa ngoxhaso lwama-NPO amahlanu lokufukula imiphakathi enhlwempu.

UMafokate kusolakala ukuthi ungumqondisi we-South African Arts and Development Association kanti okunye okushaqiwe impahla yakhe ebiza izigidi zamarandi e-Midrand.

Izihloko zakamuva