Akekho ophumelele okhethweni lwaseThabazimbi

Lubhalwe nguZukile Majova

● Umasipala wase-Thabazimbi awunaqembu elizokwazi ukuwubusa ngalodwana ngemuva kokhetho lokuchibiyela njengoba i-ANC ishoda ngeningi lamavoti naphezu kokuwina izigceme eziyishumi kwezingu-12.
● Ukungazinzi kwezombusazwe kusaqhubeka, nomlando wokubusa okungekuhle, abasebenzi abangakhokhelwa,
nokungabibikho kwamanzi ahlanzekile, naphezu kwamandla omnotho wedolobha.

Ngemuva kokhetho lokuchibiyela olwalwelwa kanzima edolobheni lezimayini i-Thabazimbi e-Limpopo, alikho iqembu lezepolitiki
elikwazile ukuthola iningi lamavoti.

Lokhu kusho ukuthi futhi, umasipala awunalo iqembu eliphumelele ngamalengiso lathola amavoti amaningi ukuthi libumbe uhulumeni lilodwa.

Ngeshwa wukungabi bikho kophumelele okhethweni lomasipala lwango-2021 okuholele ekutheni kungabibikho ukuzinza kuleli dolobha elibalulekile esifundeni sase-Waterberg.

I-Thabazimbi ingelinye lamadolobha ambalwa anezimboni nezimayini esifundazweni futhi inamathuba amakhulu okukhulisa umnotho wesifunda nokudala amathuba emisebenzi.

Kodwa umasipala wawo ungenye yemikhandlu ephethwe kabi kakhulu ezweni.

Ngesikhathi uhlakazwa ngoMfumfu, lo mkhandlu ubunezimeya ezimbili, izimenenja zikamasipala ezimbili kanti ubusuhlulekile
ukuholela abasebenzi bayo isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu.

Naphezu kwawo wonke amandla idolobha elinawo, imiphakathi yendawo ayinawo amanzi okuphuza ahlanzekile.

Ngemuva kokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu, i-ANC iwine izigceme eziyishumi kwezingu-12 kumasipala wase-Thabazimbi kodwa lokho akwanele ukuphatha idolobha lezimayini zensimbi.

Sekukonke i-ANC ithole ngaphansi nje kuka-40% wamavoti, okusho ukuthi izodinga ukusebenzisana namanye amaqembu ukuze yakhe umkhandlu olawulayo.

I-DA esebenzisana ne-ANC kuhulumeni wobumbano kuzwelonke inesigceme esisodwa, izihlalo ezintathu zomkhandlu makuhlanganiswe wonke amavoti asuke esebaliwe kanye namavoti angu-16%.

Kodwa ukubambisana kwe-ANC ne-DA ekubuseni okuzinzile komasipala kwabhidlika ngesikhathi kuqubuka udlame i-ANC ihlangana namanye amaqembu ukuze ikhiphe uCilliers Brink, owayeyiMeya ye-DA e-Tshwane.

Yize i-EFF ingazange iphumelele nesisodwa isigceme kodwa inezihlalo ezintathu zokumelwa ngokulinganayo
emkhandlwini kuyilapho iqembu leMK linesihlalo esisodwa se-PR.

Iqembu le-EFF kanye neMK bangaphandle kwe-GNU, kodwa i-EFF ivota ne-ANC
kwabanye omasipala.

Esithombeni ngenhla: Uhlelo lokuvota e-Thabazimbi, kodwa umasipala awunalo iqembu eliwuphumelele ngamavoti amaningi ukuthi liwubuse lodwa

Umthombo: IEC

Izihloko zakamuva