Akekho ongafika kimi – Ramolefi 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umsubathi wakuleli ophethe irekhodi lika-3 000m uRuben Ramolefi uthe kuzothatha isikhathi eside ukuthi izwe likhiqize umsubathi ozofika empumelelweni yakhe.

URamolefi (44) ongumpetha kazwelonke wamela izwe kuma-Olympic Games e-Athens ngo-2004 nase-Beijing ngo-2008.

Ubengumsubathi wokugcina ukuhlungela i-World Athletics Championship ebise-Daegu e-South Korea ngo-2011, ngaphambi kokuthi amemezele ukuthi uthatha umhlalaphansi ngo-2012.

Lo mlisa wase-Northern Cape ukholelwa ukuthi ukuze abasubathi bagijime izikhathi ezinhle emijahweni kufanele basebenzisane.

“Kuyadabukisa ukuthi selokhu ngathatha umhlalaphansi kulo mdlalo akekho umsubathi okwazile ukusimela ezingeni lomhlaba,” kusho lo msubathi ophethe irekhodi lesizwe lika-3 000m kwi-steeplechase ngesikhathi asigijima esingu-8:11.50 esingakaze sedlulwe kusukela ngo-2011.

“Ngicabanga ukuthi ngezikhathi zami umqhudelwano ubukhona ukuze abasubathi bagijime izikhathi ezinhle. Awukwazi ukugijima uma ungaphushwanga. Sishoda ngalokho ezweni njengamanje. Abasubathi abaningi uma beqhudelana bazizwa sengathi bayizitha – nokuyinto engalungile,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe akekho ngempela onendaba nabantu basemakhaya.

“Bakhona abantu abanekhono kodwa abasekwa ikakhulukazi ngokwezimali ukuze bathuthuke,” esho.

Uma lokhu sekuxazululiwe kuzovela ithalente futhi akungatshazwa ukuthi lelizwe libusiswe ngethalente into edingekayo ukulinakekela.”

Esithombeni esingenhla: URuben Ramolefi 

Umthombo wesithombe: IOL

Izihloko zakamuva