Akekho obegqoke umbala omnyama enkonzweni yesikhumbuzo kaSikwane

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abantu batshelwe ukuthi bangagqoki izingubo ezimnyama kodwa bagqoke ezikhanyayo noma izingubo zesintu enkonzweni yesikhumbuzo kaThabiso Sikwane ngoLwesihlanu ekuseni.

Lo msakazi odumile udlule emhlabeni ngomhlaka-31 kuNcwaba eneminyaka engu-50.

Izwi lakhe belizwakala emisakazweni efana neVoice of Soweto, i-SAfm, iPower FM neKaya FM, lapho ebejwayele ukusingatha khona uhlelo lwasekuseni noDavid O’Sullivan nosomahlaya uJason Goliath.

Lowo owayengumyeni wakhe, uThato “DJ Fresh” Sikwane, uthe kungenzeka ukuthi ushone ngenxa yodaba oluthinta inhliziyo, nakuba imbangela esemthethweni ingakaqinisekiswa.

Inkonzo yesikhumbuzo ibibanjelwe esontweni i-3C Ministries Church e-Irene, eCenturion njengoba bekuzolandela ukushiswa kwesidumbu.

Umngani wakhe okhule naye, uDkt Jowie Mbengo, uthe uSikwane wayehlale ethola isizathu sokuhleka.

“Nangesikhathi sicabanga ukuthi akukho okungasijabulisa. Ngisho nangezinsuku zakhe zokugcina uThabiso wayethola isizathu sokuhleka,” kusho uMbengo.

USikwane ushade noDJ Fresh iminyaka engu-20 kanti ushiye izingane ezintathu.

Osesithombeni esingenhla: Ongasekho uThabiso Sikwane.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva