Akazange alahle ithemba umdayisi wasemgwaqeni ngesikhathi i-Covid 19 iqeda ibhizinisi lakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umdayisi wase-Malawi u-Alex Kapito udayisela abashayeli be-Avanza eGugulethu ama-sausage rolls neziphuzo ezibandayo ngemuva kokuba i-Covid-19 iqede ibhizinisi lakhe lokudayisa izinyawo zezinkukhu.

UKipito uqasha ikharavani ngo-R600 ngenyanga kanti uhamba erenki yamatekisi kanti abashayeli babuye bathenge ngisho nangesikweletu.

Lapho u-Alex Kapito eshiya eMalawi eminyakeni eyishumi edlule, weza eNingizimu Afrika enethemba lokuphila okungcono.

Wayithola emigwaqni yaseGugulethu, eKapa eqala ngokudayisa izinyawo zenkukhu nezingingila ngaphandle kwaseGugulethu Mall. Izinyawo ezintathu zezinkukhu bezibiza u-R2, kanti ibhizinisi lalihamba kahle kwaze kwaba yilapho kufika i-Covid-19.

“Ngemuva kweCovid, ngashintshela ekuthengiseni ama-sausage rolls neziphuzo? u-R15 isausage roll no-R12 wesiphuzo,” kusho uKapito.

Uqasha ikharavani encane ngo-R600 ngenyanga eduze komgwaqo ongaphandle kwenxanxathela yezitolo. Kuyikhishi lakhe kanye nesitolo sakhe.

UKipito ulungisa ama-sausage rolls ngaphakathi, awapakishe ngobunono esitsheni, bese ehamba phakathi kwezimoto erenki yamatekisi.

“Lokhu kwenza kube lula ukuthi abashayeli be-Avanza bathenge ngaphandle kokuphuma ezimotweni zabo,” usho kanje.

Iningi lamakhasimende akhe ngabashayeli bamatekisi abathenga nsuku zonke abanye ngisho nangesikweletu.

“Abanye bathatha ama-sausage rolls neziphuzo bese bekhokha kamuva. Angithuki ngoba bangeseke iminyaka,” kusho uKapito.

Ugcina amanani akhe ephansi ngokuvakashela izitolo ezinkulu ezahlukene ukuze aqhathanise amanani ngaphambi kokuthenga.

Ngeholo lakhe uKapito ukhokha u-R1,800 werenti, u-R600 wezokuthutha, u-R300 kagesi, u-R600 wokuthenga igilosa futhi uthumela imali ekhaya e-Malawi.

“Kwadingeka ngiyeke ukuthenga inyama ebomvu ngoba iyabiza. Manje ngithenga inkukhu kuphela,” esho.

Umshayeli wetekisi uKhayalethu Dyido uthe uKapito usiza abashayeli abasheshe baphume emakhaya bengadlanga isidlo sasekuseni. “Uhlala ekhona uma simdinga,” kusho yena.

Esithombeni esingenhla: U-Alex Kapito uthengisa ama-sausage rolls neziphuzo ngaphandle kwaseGugulethu Mall eKapa
Idolobha.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva