Akayikholwa akhishwe ngayo uNdunankulu wase-Pakistan

Arthur Greene

UNdunankulu wase-Pakistan u-Imran Khan ukhishwe ngokungalindelekile esikhundleni ngemuva kokukhishwa ngevoti lokungathenjwa ePhalamende ngeSonto.

Lowo owayengumdlali wekhilikithi uchithe isonto lonke ebambelele esikhundleni sakhe, kodwa umbono womphakathi e-Pakistan usuphendukele kuyena.

UKhan usolwe ngokuphatha kabi umnotho emasontweni edlule kanti i-rupee yase-Pakistan yehle kakhulu ngoLwesine ngokusho kwe-Reuters.

Lo Ndunankulu ukwazile ukuphunyuka ngeledlule ngokuhlakaza iPhalamende. Kodwa-ke, iNkantolo ePhakeme yase-Pakistan yabe isikhipha isinqumo sokuthi wenze okuphambene nomthethosisekelo kumele kuvotwe.

Umholi weqembu eliphikisayo uShehbaz Sharif kulindeleke ukuthi avotelwe njengoNdunankulu omusha wezwe ngoMsombuluko.

“Sihalalisela isizwe sase-Pakistan ngezinguquko zabo ezintsha,” kusho uSharif ku-Twitter, wengeza ngokuthi “izwe ligcine likhululiwe enkingeni enkulu.”

Kodwa-ke, izwe lisazozwa ngegama likaKhan njengoba eveze ukuthi uzowulwela  umsebenzi wakhe wezepolitiki futhi angeke abe nandaba nohulumeni ophikisayo.

Usole amaqembu aphikisayo ngokuba ingxenye yetulo eliholwa iMelika lokumketula esikhundleni njengoba engahambisani neMelika ezindabeni ezifana nokuhlasela kwe-Russia e-Ukraine ngoLwesihlanu ebusuku wathi ngeke akwazi ukusetshenziswa kalula njengonodoli.”

Izwe laseMelika liziphikile lezi zinsolo lathi uKhan akakaze anikeze noma ibuphi ubufakazi ngalezi zinsolo azishoyo.

Ngemuva kokukhishwa esikhundleni owayenguNdunankulu ucele abalandeli bakhe ukuthi bagcwale imigwaqo ngeSonto ebusuku bebhikisha.

Ukuwa kukaKhan emseni kube okumangalisayo njengeqhawe lekhilikithi lesizwe elinothando wajabulela ukwesekwa okukhulu ngumphakathi ngenkathi evotelwa okokuqala njengoNdunankulu ngonyaka ka-2018. 

Waphinde wasekelwa umbutho wezempi onamandla wase-Pakistan kanye nakwezobunhloli okukholakala kabanzi ukuthi zaba neqhaza ekumenzeni akhethwe.

Inkinga uKhan ulokhu elahlekelwa kancane kancane.

Scrolla World Cup Quiz